Kunikelelwe ikhaya lezingane e-Edendale

2017-04-05 06:03
PHOTO:nokuthula khanyileNgesikhathi kunomcimbi wokunikezela ngekhishi elisha Ekujabuleni Childrens Home. (Kusuka kwesokunxele) uMnuz Samkelo Mlambo (Food Security and Development Agency), Magrate Qali, Ridwaan Waany Hoosain (Aurora Dezigns) kanye nemeya yoMsunduzi uMnuz Themba Njilo.

PHOTO:nokuthula khanyileNgesikhathi kunomcimbi wokunikezela ngekhishi elisha Ekujabuleni Childrens Home. (Kusuka kwesokunxele) uMnuz Samkelo Mlambo (Food Security and Development Agency), Magrate Qali, Ridwaan Waany Hoosain (Aurora Dezigns) kanye nemeya yoMsunduzi uMnuz Themba Njilo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IBIBHALWE ebusweni injabulo kubaphathi bekhaya lezingane Ekujabuleni Childrens Home e-Edendale elinikelelwe ngekhishi elisha ngoLwesihlanu olwedlule.

Lomcimbi ubuhanjelwe imeya yomasipala woMsunduzi uMnuz Themba Njilo ethe lomsebenzi udle imali engalinganiselwa ku R100 000.

“Ngesikhathi ngingena esihlalweni sokuba usodolobha ngazibophezela ekutheni lelikhaya libe yenye yezindawo engizozinakekela. Kuyangithokozisa ukuthi namhlanje silapha sizofezekisa enye yezindlela yokwenza ukuthi izingane ezihlala lapha ziqhubeke nokunakekeleka.”

UNjilo uthe ngesikhathi evakashele lelikhaya lezingane ngonyaka owedlule wahlangabezwa isicelo sokuba kwakhiwe ikhishi elisha.

“Ngabe sengihamba ngingqongqoza eminyangweni eyahlukene nenhlanhla abakwa Aurora Dezigns bavuma ukuthi bona bangakwazi ukusilekelela. Ngeke ngingene umuzi nomuzi kodwa ngiyathembisa ukuthi umphakathi ngizoqhubeka ngiwusebenzele.”

Uthe njengomasipala sebeqale nohlelo lokuqoqa izimpahla ezindala ukuze zinikelelwe labo abahlwempu.

“Siqale uhlelo lokubeka amabhokisi kuyo yonke iminyango kamasipala ukuze onento engasamlingani ayifake phakathi sikwazi ukunikelela abantu abaswele. Lena indlela esizama ngayo ukwenza umehluko emphakathini esiyisebenzelayo.”

Umsunguli nomqondisi wenhlangano i-SA Food Security and Development Agency u-Samkelo Mlambo naye obehambele lomcimbi uthe bazothengela lesikhungo ukudla.

“Sithenge ukudla kwezinyanga ezintathu kanti sizibophezele ukuthi sibuye njalo emuva kwekota sizobheka ukuthi kukhona yini abantwana abashoda ngakho.”

Lesikhungo sinabantwana abangu 45 abaphakathi kweminyaka emithathu kuya kwengu 17.Abakwa Aurora Dezigns bathe bahlangane nomeya ngoDisemba nyakenye.

Umphathi walesikhungo uMagrate Qali uthe uswele imilomo yokubonga.

“Kuyajabulisa ukuba nomeya okwazi ukucabangela umphakathi ngoba uma sibakhetha sisuke senzela ukuthi bakwazi ukusisiza.

Umeya selokhu engenile ehhovisi lakhe ukhombise ukuseseka kakhulu futhi sinesiqiniseko sokuthi uzoqhubeka nomsebenzi wakhe wokufukula neminye imiphakathi ekhahlamezekile.”

Kulomcimbi kunandise uNathi noNkanyiso.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

SPECIAL REPORT: #GuptaLeaks

2017-06-01 11:58

Inside News24

 
Behind the sparkle

Alluring, beautiful and timeless - diamonds are some of the most sought after gems in the world and are a true testament of everlasting brilliance. Let us take you behind the sparkle to show you the history behind this coveted jewel.

Embracing sustainability in tobacco agriculture

In Sub-Saharan Africa, farming represents a subsistence lifestyle for millions of people. In recent years though, the development of farming into an economic activity has made a real change in how the land is used in providing for the population.

/Africa
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.