Kuningi afisa ukukwenza kwezomculo

2017-07-19 06:00
Sanele Madonsela umculiIsithombe:Sithunyelwe

Sanele Madonsela umculiIsithombe:Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMCULI we-House ozinze eMgungundlovu, uSanele Madonsela uthe wayesafunda amabanga aphansi ngenkathi ethola ukuthi unekhono lokucula.

“Ngangifunda esikoleni samabanga aphansi eLungisile ese Imbali ngiyingxenye yeqembu elalidla umhlanganiso kuyona yonke imincintiswano esasiyingenelela,” kuchaza uMadonsela ngokuqala kwakhe ukuba nothando lwezomculo.

Le ntokazi eneminyaka engu-26 ithe noma kunezinto ezimbalwa ehlele ukuzifeza kungekudala kodwa into esemqoka njenga manje ukuqinisekisa ukuthi umcimbi ezonandisa kuwona e-Ashdown maduzane uzoba yimpumelelo.

Lo mcimbi uzoba ngomhla ka-29 ku-Julayi, e-Ashdown kanti uMadonsela uyathembisa ukuthi abantu abazowuthamela bazowu jabulela umculo wakhe.

UMadonsela uthe okwamanje uyingxenye yohambo oluzohambela khona la e-Ashdown, ludlulele e-Richards Bay luphinde lubuye luzovala khona futhi e-Ashdown ngomhla ka-30 ku-Septemba.

“Abantu baseMgungundlovu abafisa ukungibona ngicula esiteji bengafika kule mcimbi ezobe ise-Ashdown bezozizwela ngezabo izindlebe ukuthi iphimbo lami libusisana kanjani,” kusho uMadonsela.

Eqhuba ngomlando wakhe kusukela esayilungu leqembu esikoleni samabanga aphansi kuze kube yisikhathi samanje, uthe: “Sengineminyaka engu-17 ngaba yingxenye yeqembu elicula owokholo elibizwa ngokuthi i-Living Sound esaqopha nalo izingoma kanye nama-vidiyo,” kusho uMadonsela.

Uthe waqala ukuziculela yedwa ngenkathi engenelela umcintiswano wokucula owawuse Hilton lapho afinyelela khona kuma semi-finals.

“Kulowo mncintiswano ngabonwa umshayi wesiginci owabe esengilekelela ngokuthi nami ngiziqophele owami umculo, lelothuba langivula amehlo ngabona ukuthi kanti nami ngiyakwazi ukubhala izingoma,” kusho uMadonsela.

Uqhube wathi manje usethathe isinqumo sokwenza umculo we-House kanti njenga manje uqopha i-albhamu yakhe yokuqala.

“Sesiqophe amaculo ayisikhombisa sino-Gama Beats kanti futhi ngiphinde ngasebenza no-Sonik Soul engomeni ethi It’s A Party.

Eminyakeni eyisihlanu ezayo ngizibona sengikwazi ukudlala isiginci njengoba ngisifunda njenga manje kanti futhi ngizididiyela mina umculo wami ngoba nokuba u-dj kuyinto engicabanga ukuyenza nayo,” ephetha uMadonsela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/News
 

Weird things dogs do

Caught your dog doing something... well a little bit odd? Don’t worry, there’s a simple explanation for his behaviour.

 
 

Paws

Makeover saves dog’s life
For the love of Corgis!
Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.