Kusemnyama ngomqeqeshi weBafana Bafana

2017-03-22 06:02
PHOTO: safa.netObambe njengomqeqeshi we-Bafana Bafana u-Owen Da Gama.

PHOTO: safa.netObambe njengomqeqeshi we-Bafana Bafana u-Owen Da Gama.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUSEMNYAMA futhi akukacaci ukuthi ubani ozoba ngumqeqeshi weqembu lesizwe iBafana Bafana.

Inkinga wukuthi noma iSouth African Football Association (Safa) ibifuna ukwethula umqeqeshi omusha ngokushesha kodwa amadoda ekade yethembele kuwona sekulukhuni ukuwathola.

Iqiniso lithi abaqeqeshi abahlonishwa umhlaba wonke ne-Africa yonkana njengo Carlos Queiroz, Hervé Renard (Morocco) no Hugo Broos angeke besatholakala, futhi-ke nemali abakade bezoyihola ibizomba eqolo kakhulu.

Phela uQueiroz uke waqeqesha izwe lakhe iPortugal kanye ne-Iran muva nje. Wonke umhlaba uyazi ukuthi lelizwe lase-Iran lidume ngamandla ka woyela futhi nemali akade bemholela yona ibimnandi igculisa, futhi akakaze ayihole empilweni yakhe.

UBroos ubeqeqesha iCameroon kamuva nje kanti ibhola lase-Afrika ulazi kahle futhi-ke uthathwa njengeqhawe lakhona.

Lokhu kufakazelwe ngesikhathi edla umhlanganiso nama Indomitable Lions kwi African Cup of Nations ngenyanga edlule.

Okunye okuhlupha uSafa wukuthi kulezinsuku ubufuna ukuthula umqeqeshi ozovala indawo kaEphraim “Shakes” Mashaba osanda kuxoshwa emva kokuphoxa obasi bakhe kumabonakude.

Kubikwa ukuthi kulezinsuku uSafa ubamba uyayeka ngoba phela lesikhundla sikaMashaba kufuneka sivaliwe.

Okunye okuthusayo wukuthi i-Safa manje isiqala ukubheka noma ukushela abaqeqeshi abafana noStuart Baxter we-SuperSport United nowake wayiqeqesha iBafana Bafana.

Kanti omunye ukhosha abazama ukukhulumisana naye owayeqeqesha i-Orlando Pirates uRuud Krol.

Imibiko ithi abaqeqeshi ababukeka bengaqasheka noma asebesele ohlweni lwe-Safa yilaba bobabili kuphela.

UBroos uthe yena usafuna ukuthatha ama-Indomitable Lions awayise kwi-Fifa Confederations Cup e-Russia ngoJune nango 2019 kwi-Afcon ekhaya.

Isikhulu se-Safa nesiyi CEO uDennis Mumble uthi ukuqoka umqeqeshi we-Bafana Bafana kubalulekile nokuthi kuzoshesha kodwa wangavuma ukuqagula igama lozothatha nosuku olungumnqamulajuqu.

“Siphezu kwalo udaba noma kungelula. Siyazi futhi ukuthi sahluleka ukuqoka umqeqeshi ngosuku esasilushilo. Asisafuni noma ngingathi akuphephile ukulokhu sithinta amagama abantu ngoba abaqashi bayazwela. Abanye basandakungena enkingeni ngoba amagama abo ayebaliwe kwabazoqasheka,” kusho uMumble.

Okwamanje umqeqeshi u-Owen Da Gama uzoqhubeka esebenza njengebamba lomqeqeshi.

Umongameli weSafa uDkt Danny Jordaan walile ukuphawula ngaloludaba, wathi kunekomiti elibhekene naloludaba.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/News
 

Weird things dogs do

Caught your dog doing something... well a little bit odd? Don’t worry, there’s a simple explanation for his behaviour.

 
 

Paws

Makeover saves dog’s life
For the love of Corgis!
Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.