Kushaywe isela eMbali

2017-09-13 06:02

USHAYWE umphakathi waze washona umfana waKwaMachibisa obanjwe oqotsheni entshontsha komunye wemizi eMbali Unit J ngoLwesine olwedlule.

Umsolwa ushaywe kusukela ngehora lokuqala entathakusa ngoLwesine kwaze kwashaya ihora lesikhombisa ekuseni.

Umphakathi obuthukuthele ugane unwabu ubuphethe izinduku, izimvubu kanye nezinsibi uthi ukhathele ukuntshontshelwa.

Umsolwa waze wathola usizo ngemuva kokuba kufike amaphoyisa ngemuva kwehora lesikhombisa nawabe esemubizela i-ambulensi neyafika ngemuva kwesikhathi umsolwa wabe esefika eshonela esibhedlela.

Ngokuthola kwe-Maritzburg Echo umsolwa wabhadanywa ethwele upende ekhanda edla umoba, kanti amasondo emoto wayesewakhiphile ewabeke ngasemfuleni owelela kaMachibisa.

Umsolwa wayengahambi yedwa ngesikhathi egila lemikhuba njengoba abangani bakhe ababili babonakala bebaleka bamushiya ngesikhathi esebanjwa.

Ngesikhathi i-Maritzburg Echo ifika endaweni yesigameko umsolwa ubengasakwazi ukuhamba kodwa esazama ukukhuluma. Ngesikhathi eshaywa umsolwa ubelokhu ekhale njalo ethi uyaxolisa isizathu esimenza ukuthi antshontshe ingoba uyalamba waze wathembisa nokuthi uzoya kokhomba lapho kade edayisa khona izimpahla asuke ezintshontshile.

Umphakathi ubudinwe ugane unwabu uthi ukhathele amasela asuka ezindaweni zasemakubo ezontshontshela bona ngoba bethula.

“Sintshontshelwa ngisho amabhodwe labafana abashiyi lutho. Bayazi ukuthi abantu abahlala kule ndawo [eMbali Unit J] bayathula. Sikhathele manje ilabafana kumele sibafundise isifundo ukuthi nathi akudlalelwa la kuthina,” kusho elinye ilunga lomphakathi.

Ngaphambi kokuba kufike amaphoyisa umsolwa walihlanza lonke iqininiso ngobugebengu ekade ebenza kulendawo wabe esedalula nabangani bakhe ababili ekade egila nabo imikhuba. “Besihleli singena emizini eyahlukene sintshontshe bese sihambe siyodayisa. Besihlala emini sihlele ukuthi sizongena komuphi umuzi. Emini besinisiza siniphushise nezimoto kodwa sibe siqalaza ukuthi sizobuya sizontshontshani,” kusho umsolwa etshela amalunga omphakathi.

Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko kuvele abantu abaningi abebkhala ngokugqekezelwa emasontweni ambalwa edlule kanti abanye babo umsolwa uvumile ukuthi uyena obantshontshelile.

Abangani bamsolwa abadalula ukuthi ubentshontsha nabo balandwa emakubo, nokwathi uma bebuzwa ngalemikhuba baphika balala ngomhlane. Umphakathi ubusho ukubaqeda nabo kodwa kwasiza amaphoyisa nabathatha abavalela evenini ngemuva.

Okhulumela amaphoyisa esiteshini iPlessislaer uKapteni Musa Ntombela uthe amaphoyisa abengaka bophi muntu mayelana noshaywe wazewashona eMbali, unit J.

“Amaphoyisa acela amalungu omphakathi ukuthi ayeke ukuzithathela umthetho ngezandla, siwanxusa ukuthi bebikele amaphoyisa uma kukhona amacala enzeke emphakathini,” kusho uKaputeni Ntombela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

/Africa
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.