Kusolwa iMercedes kushona izelamani

2016-12-21 06:02
PHOTO: nokuthula khanyile UNkk Sizeni Jili ongumama wezelamani ezibulelene eFrance.

PHOTO: nokuthula khanyile UNkk Sizeni Jili ongumama wezelamani ezibulelene eFrance.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UPHITHENE amakhanda umndeni wakwaJili e-France emuva kwesigameko sangoMgqibelo sokubulalana kwezelamani zakhona ekusolwa ukuthi bezidle isidakamizwa esesijuqe abaningi i-Mercedes.

U-Mzamo Jili (31) kuthiwa uhlasele udadewabo omncane uThembani Jili (29) wambulala kubuka amalunga omphakathi emuva kwengxabano esuswe ukuthi udadewabo ubelamulela unina wezingane zakhe [uMzamo]kade emshaya.

Elandisa leliphephandaba ngokwenzekile uNkk Sizeni Jili ongumama wabashonile uthe ubengekho esedolobheni ngesikhathi efonelwa kuthiwa akazolamula uMzamo ushaya udadewabo.

“Bebekade belale kwesinye isihlobo lapho kade bephuza khona ubusuku bonke ngoLwesihlanu. Ngithe uma ngithola ucingo ngathinta ubaba wabo ngathi akayobheka ukuthi kwenzekani njengoba mina bengingekho. Emuva kwesikhashana ngizamile ukumfonela futhi ubaba wabo ngifuna ukuthola ukuthi bekwenzekani kodwa ucingo lwakhe belungasabanjwa.”

Uthi ube esethumele oninazala babo abafi ukuthi bayobheka kwenzekani nabo okuthe uma befika endaweni yesigameko bahluleka ukulamula ngoba kunomfana oyisihlobo awabatshela ukuthi aziyekwe lezalamani zibulalane.

“Ngithe uma ngifika endaweni yesigameko ngafica uThembani esethule ngazithanqaza phansi ngathi kungcono ngife nami. Wayemgxobe wamuqeda udadewabo ngezicathulo, athi amaphoyisa uma emphendula ngashaqeka uma ngibona isimo ayeyisona. Iso lakhe elilodwa ungathi laqhuma kanti ubelimele kakhulu nasebusweni waze waqhuma negazi ngezansi njengoba ayemgxoba isisu. Ababekhona bathi wayemphonsa phezulu amthanqaze phansi.”

Uthi endaweni yesigameko wafikisana namaphoyisa ayesebizwe amalunga omphakathi.

“UMzamo nalomfana oyisihlobo [emgagula ngegama] bavele bangenela amaphoyisa bawashaya. Iphoyisa elinye laze lakhipha isibhamu ladubula phezulu kodwa kwanhlanga zimuka nomoya lagcina libafuthe nange pepper spray bahamba bayogeza. Babuya sekukhona amaphoyisa amanye ayehamba nezinja babaleka.”

UNkk Jili uthi amaphoyisa abajaha bezwa sekufonelwa ubaba kaMzamo kuthiwa akeze eFrance Unit 4 ngoba sebebanjiwe.

“ Wathi uma efika ubaba wakhe ezansi wafica uMzamo naye eseshonile esemboziwe. Kuthiwa washonela ocingweni amaphoyisa esathi ayamubamba. Ubengenalo inxeba lokulimala futhi namaphoyisa awazange amenze lutho sisola ukuthi ubulawe isona lesidakamizwa akade besidla.”

Eqhuba uthe isigameko sabantu bebulawa ilesidakamizwa asiqali ngezingane zakhe njengoba ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kunomunye umfana wakhona eFrance oshone emuva kokugwinya lesidakamizwa.

“Ngiyalisaba leliphilisi, siyacela namaphoyisa asilekelele ukuze bonke labantu abadayisa izidakamizwa ezibulala izingane zethu bezoboshwa. Ngiqale ukumbona ngonyaka odlule uMzamo ukuthi kukhona isidakamizwa abesidla. Ubengasabambeki mayelibhemile antante nje angahlali phansi. Ngike ngazama ukumkhuza kwangathi uyaliyeka kodwa usebuye wabuyela kulona. Lesigameko siwuthuse kakhulu umndeni ngoba uMzamo noThembani bebezwana kakhulu futhi behlale behamba ndawonye.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.