Kusolwa iphoyisa kubulawa owaseGrange

2017-04-26 06:02
PHOTO: suppliedLungisani Majozi.

PHOTO: suppliedLungisani Majozi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UFUNA ubulungiswa umndeni kaLungisani Majozi (20), waseGrange owadutshulwa amahlandla amahlanu iphoyisa endaweni yaseXopo mhlaka 2 kwephezulu.

UMajozi ubenza unyaka wakhe wokugcina ezifundweni zobuhlengikazi esibhedlela sikahulumeni iChrist the King kuthiwa wadutshulwa esendleleni ebheke esitolo kade ephuma ukuyovakashela umngani wakhe kuyona lendawo.

Kulesigameko kusolwa ukuthi uConstable Mduduzi Dlamini (38) osebenza esiteshini samaphoyisa e-Creighton khona kuleyandawo wadubula wabulala uMajozi wabe esemsola ngokuthi wayezama ukumkhuthuza. Umsolwa kubikwa ukuthi ubengumakhelwane walapho kuqashe khona uMajozi njengoba ebesafunda. Kusona lesigameko kwabuye kwadubuleka nomunye wesifazane esandleni naye owayezihambela. UMajozi kubikwa ukuthi washonela endleleni eya esibhedlela.

U-Majozi uphothule imfundo yakhe yamabanga aphezulu e-Alexandra High School ngonyaka ka 2014 kanti ufihlwe ngempelasonto edlule endaweni yaseMpendle.

Ilunga lomndeni elingathandanga ukuba igama lalo lidalulwe lithe bathukuthele kakhulu ngalesigameko futhi bafuna umthetho udlale indawo yawo.

“ULungisani ubengesona isixhwanguxhwangu okanye umuntu okhuthuzayo ngakho kuyasixaka ukuthi umsolwa athi wayezama ukuzivikela ngoba wayebanjwa inkunzi. Yena nomsolwa bebazana futhi bengakaze bahilizisane okanye babe nokungaboni ngasolinye.”

Lelilunga lomndeni lithi abantu abazibonela ngawabo kwenzeka lesigameko bathi leliphoyisa lavele ladubula emgaqweni kungazelele muntu.

Umsolwa uvele enkantolo ngoLwesine olwedlule icala lakhe lahlehliselwa kusasa mhlaka 21 April ukuze afake isicelo sakhe sebheyili.

Umndeni kaMajozi uthi awufuni umsolwa anikwe ibheyili.

“Kunabantu abangofakazi kulelicala abasabela ukuphepha kwabo uma umsolwa engadedelwa futhi nathi njengomndeni asizizwa siphephile uma kungathiwa uyayithola ibheyili,” kusho ilunga lomndeni.

Lelilunga lomndeni lithi ezinye izinkulumo ezivelayo emuva kokubulawa kukaMajozi ukuthi umsolwa wayemfanise nesitha sakhe.

“Kusolwa ukuthi umsolwa wayephuzile ngesikhathi kwenzeka isigameko kanti bathi wamfanisa nomuntu ake ahilizisana naye phambili wakhipha isibhamu wamdubula ngaphandle kwengxabano.”

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Thembeka Mbhele uthe likhona icala elivulwe esiteshini saseXopo mayelana nokubulawa kukaMajozi, wathi icala liphenywa yi-Independent Police Investigative Directorate (Ipid).

Omunye wabangani baMajozi uNokukhanya Ngcobo Mokoena uthutheleke enkundleni yezokuxhumana uFacebook ezwakalisa ubuhlungu ngokubulawa kwakhe.

“Izulu belingeke lisakwazi ukulinda ingelosi efana nawe. Ngiyohlezi ngikuthanda, ulale ngokuphumula Lungisani,” kusho umyalezo”

Omunye umyalezo obuvela kumngani wakhe uWandy Gumede uthe, “Kodwa kungani Lungisani, benginawe nje ngoLwesihlanu olwedlule.”

UGumede utshele leliphephandaba ukuthi zibashaqise kakhulu izindaba zokubulawa kukaMajozi.

“Bengihlala naye endlini mina ngenza izifundo zobuthishela yena enza ezobuhlengikazi. Ngisho nomuntu omdubulile besimazi futhi simthatha njengomngani ngoba ubengumakhelwane wethu.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/News
 

Buying a puppy? Don’t get scammed!

Hundreds of complaints are filed every year from victims who were scammed when buying a dog online.

 
 

Paws

WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
11 animals before and after they were adopted from shelters
Competition pet grooming – creative or too extreme?
5 Celebrities who are afraid of animals
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.