Kuwe uphahla lwendlu kwisiphepho

2017-09-27 06:03
Isithombe:SithunyelweUNksz Jabu Bhengu wakaZayeka eSweetwaters phambi kwendlu yalomndeni ewelwe uphahla ngesiphepho sangoMgqibelo.

Isithombe:SithunyelweUNksz Jabu Bhengu wakaZayeka eSweetwaters phambi kwendlu yalomndeni ewelwe uphahla ngesiphepho sangoMgqibelo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNDENI wakwaBhengu endaweni yakaZayeka eSweetwaters uphoqeleke ukuthi uqoqelane egumbini elilodwa ngemuva kokuthi uphahla lwendlu yalomndeni luwe kwisiphepho sangoMgqibelo mhlaziyi 16 kuSepthemba.

Umoya obuvunguza ngamandla obuhambisana nemvula udale umonakalo ezingxenyeni eziningi zesifundazwe saKwaZulu-Natal ngoMgqibelo, kwezinye izindawo kudilike izakhiwo, kwawa uphahla, kwasiphuka nezihlahla.

“Sizwe ngomsindo omkhulu kanti besekuphephuka uthayela wendlu, uphephukele emagcekeni akwamakhelwane,” kusho oyilungu lalomndeni uNksz Nobuhle Bhengu.

Uthe uphahla luwe emagumbini amabili kwamane endlu yalomndeni okubaphoqe ukuthi ebusuku ngenkathi sesidlulile isiphepho befake uthayela owesikhashana kwelinye lamagumbi awelwe uphahla ukuze bezokwazi ukulisebenzisela ukulala.

Uthe: “Besibeke amatshe okubamba uthayela, uthayela waleli elinye igumbi wona ulimale kakhulu ayikho into ebesingayenza ngawo,” kusho uNksz Bhengu.

Uthe ngenhlanhla alikho ilungu lomndeni elilimalile ngenkathi kuwa uphahla ngoMgqibelo ntambama.

Uthe: “Enye into elimalile umabonakude sesibonga khona nje ukuthi ayikho enye impahla emoshakele ngesikhathi sesiphepho,” kusho uNksz Bhengu.

Uthe ngesikhathi kuwa uphahla bekukhona amalungu omndeni ayisithupha kwayishumi nanye kanti kulabo abayisithupha kubalwa nezingane ezintathu ezimbili ezineminyaka emibili kanye neyodwa eneminyaka eyisikhombisa.

Uqhube wathi yize indlu yalomndeni inamagumbi amane kodwa basebenzisa amathathu kuphela ngoba elesine linenkinga yokuthi liyavuza uma kunetha imvula.

Uthe: “Besicela uma singathola abangasisiza ukuthi siyakhe kabusha indlu yasekhaya ngoba iyazibhedela,” kusho uNksz Bhengu.

Uthe lomndeni usulinde kusukela ngonyaka ka-2015 ukuthi ukhandelwe indlu yomxhaso kahulumeni kodwa kuze kube yimanje akukaze kwakhiwe lutho.

Uthe: “Ngonyaka odlule sasitshelwe ukuthi indlu sizokhandelwa ngo-Agasti ngawo wona lowo nyaka kodwa asitholanga lutho. Saphinde sabuyela ngoMashi kuqala lonyaka ukuyothola ukuthi ngabe kwenzakalani ngendlu satshelwa ukuthi izokwakhiwa ngoJulayi kodwa namanje akaze kube khona lutho olwakhiwe,” kusho uNksz Bhengu.

Mayelana nohlelo lokwakhiwa kwezindlu endaweni yakaZayeka eSweetwaters, okhulumela umasipala waseMsunduzi, uNksz Thobeka Mafumbatha uthe uhlelo lokwakhiwa kwezindlu kulendawo luyaqhubeka kanti akukho ukubambezeleka okukhona.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.