Kuxathuka udoti olahlwe ngokungemthetho ku Ward 17

2017-03-01 06:01

Mhleli

KWELAKHO lodumo elinganqikazi ukuzikhipha zishisa zinjalo zinohlonzo ngale kokunanaza. Ngingumhlali waseMbali kuWard 17 okhathazekile ngesimo senhlalo yomphakathi wakulendawo ehlanganisa i-13 yonke kanye ne BB yonke. Eminyakeni emibili noma emithathu edlule umasipala wethu waseMgungudlovu usinikezele ngohlelo obeluthi One Ward One Co-Op. Nakithina lufikile lasebenza kahle yaqashwa inkampani yokusihlanzela indawo yethu, leyonkampani iwaqashile amalungu omphakathi alinganiselwa emashumini amane. Inhlanzeko sayibona ngamehlo bebesebenza ngokuzimisela nangothando begxile kakhulu kulezindawo okulahlwa kuzona udoti ngokungemthetho (illegal dumping sites) ngolokucela itiye. Sathokoza kakhulu siwumphakathi, sisathi sijabulela lologuquko hawu nakhu sekushintsha izinto ngonyaka ofile mangingaphambuki kwakungu October kwavele kwamanse ukusebenza kwaloluhlelo kwaqala phansi ukungcola.

Ngenhlanhla abanye babasebenzi sakhelene nabo yasidla lento saze sazijuba sababuza ukuthi kanti kwenzakalani nakhu futhi sesibuyela ezweni likaFaro, sesixakwa iphunga elibi eliqhamuka kulodoti osugcwele yonke indawo. Izimpendulo esazithola ezokuthi inkampani ibamisile yathi izobathinta uma sekulunge indaba yesitifiketi senkampani esigunyaza ukuthi isebenze.

Lokhoke kwasixaka kakhulu ngenxa yokuthi kwakhansela asilazi emuva kokhetho akekho owake weza kithina siwumphakathi ezosazisa ngemiphumela yokhetho nokusazisa ngokuthi ngubani ikhansela elisha.

Asisazi ke noma ukushintsha kwekhansela ikona yini okwaba yimbangela yokushenxa noma ukushenxiswa kwenkampani.

Ukuphepha kwezingane zethu sekusengcupheni enkulu izindawo ezidlala kuzona ziyaxathuka ukungcola kanti futhi njengoba kunezimvula kulezinsuku zigcwala amanzi lokho okuzoholela ekugwilizeni kwezingane kulahleke imiphefumulo. Alukho uhlobo lukadoti ongalutholi kulezindawo zokulahla, kusukela emaphepheni, amapulasitiki, amajazi omkhwenyana asesebenzile, amapads abantu besifazane, ukudla okubolile, amaphilisi anhlobonhlobo, imijovo esisebenzile nesavaliwe. Siyaziqonda izinxushunxushu nomdonsiswano ngemiphumela yokhetho lomasipala futhi siyawaqonda namanxeba nezibazi ezasala kubavoti ngenxa yohlelo olungagculisanga olasetshenziswa ekukhethweni kwamakhansela.

Thinake konke lokhu asifisi ukuthi kumise izinhlelo zentuthuko yethu. Ngoba mabeliswana bodwa bebanga izikhundla ekugcineni kulimala thina.

Siyafisa umasipala wethu ungenelele noma uSodolobha wethu ubaba uNjilo ukuze sisizakale kubuye inhlanzeko, ubumbano nokuphepha kwethu nabantwana bethu bagwemeke kulezifo ezizoqhamuka kulenkunkuma yokungcola. Ngiyathemba bonke abathintekayo kuloludaba bazolusukumela balulungise ngobuqotho nangokuthembeka.

Thina siwumphakathi sizimisele ngokubambisana nabo kukhokonke okuzoletha intuthuko nozinzo kulewadi yethu. Sithi Phansi nenkohlakalo Phansi… Phambili ngokulalelwa kwezwi labantu Phambili.

SANDILE SITHOLE

Ward 17

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/South Africa

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.