Kuxoshwe abafundi nge-Fade

2016-07-27 06:00
PHOTO: Nokuthula Khanyile Abafundi base Siyahlomula Secondary School e-Ashdown abathi baxoshwe esikoleni ngoba begunde iFade.

PHOTO: Nokuthula Khanyile Abafundi base Siyahlomula Secondary School e-Ashdown abathi baxoshwe esikoleni ngoba begunde iFade.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BAYIQALE kabi ithemu yabo entsha abafundi bamatikuletsheni base Siyahlomula Secondary School e-Ashdown abakhonjwe indlela befika esikoleni ngoMsombuluko ngoba begunde isitayela sesimanje manje esaziwa ngele-Fade.

Labafundi abayisithupha bathi uthishanhloko wakulesikole ubaxoshile wathi kufanele babuye sebegunde izimbungculu. Omunye walabafundi abathe bayanqaba ukugunda izinwele zabo uthe okubaphatha kabi kakhulu ukuthi bakhona nabanye abafundi ngaphakathi esikoleni abagunde iFade abenza amakilasi aphansi.

“Bagcwele abafundi abagunde ngalendlela kodwa yena uvele wakhetha iphela emasini waxosha thina sodwa. Uma simbuza ukuthi ikuphi okungalungile ngendlela esigunde ngayo wasitshela ukuthi inqubomgomo yesikole ayivumi ukuthi abafundi bagunde kanje. Uma sithi akasitshengise leyonqubomgomo uvele wavuka ngolaka wasixosha. Uma kunenqubomgomo bekufanele bonke abagunde njengathi nabo baxoshwe.”

Labafundi bathi kumanje isikole siphezu kohlelo lokubhalisa abafundi bakamatikuletsheni ukuze babhale izivivinyo zabo zokuphela konyaka.

“Thina asibhalisile njengoba sihleli lapha emgaqweni, okusho ukuthi uma siqhubeka sinqaba ukugunda angeke size sizibhale izivivinyo zethu zokuphela konyaka nokuyinto ethikameza ilungelo lethu lokufunda,” kusho omunye umfundi.

Labafundi bakhale ngokuthi izihluthu zabo azikaze zibe yinkinga, kepha uthisha wabo onenkinga nezinwele zabo esikoleni. “Usitshele ukuthi uma singagundi singalokothi silubeke esikoleni, akazange asibuze noma sinayo yini imali yokugunda njengoba nenyanga ingakapheli. Asinayo imali yokugunda futhi asizimisele nje ngokugunda ngoba izinwele azinawo umthelela ngendlela esiphasa ngayo esikoleni.”

Labafundi bathe okuxaka kakhulu ukuthi abafundi besimame bona bayavunyelwa benze izitayela ezinhlobonhlobo emakhanda kodwa bona kuthiwa abagunde. “Benza izitayela ezahlukahlukene baze basisithe singaboni nasebhodini, thina izihluthu zethu zikanyiwe futhi zihlanzekile kodwa kuthiwa asigunde,” kusho omunye umfundi.

Lesitayela esithandwa ilabafundi kangaka sidunyiswe osaziwayo baphesheya kwezilwandle abafana no Chris Brown, Kendric Lamar, Usher kanye no Migeul.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni uKwazi Mthethwa usigxekile lesenzo wathi siphazamisa ilungelo labafundi lokufunda. “Besingakayitholi imibiko mayelana nalesigameko kodwa sizokwenza isiqiniseko sokuthi ihhovisi lesifunda liyazilandelela lenzinsolo zokumiswa kwalabafundi ngenxa yokuthi abafuni ukugunda.”

UMthethwa uthe labafundi banelungelo lokuthi banikwe ithuba lokubhalisa ukuze babe yingxenye yezivivinyo zokuphela konyaka.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.