Kuzokhulekelwa ukhetho eMgungundlovu

2016-07-20 06:00
PHOTO:supplied UNathi noNkanyiso abangabanye babaculi abazobe benandisa kulenkonzo yokukhuleka ukhetho.

PHOTO:supplied UNathi noNkanyiso abangabanye babaculi abazobe benandisa kulenkonzo yokukhuleka ukhetho.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABEFUNDISI bamabandla ehlukene eMgungundlovu namaphethelo bamema abazalwane ukuba babe yingxenye yenkonzo yokukhulekela ukhetho lohulumeni basekhaya olungomhlaka 3 ku Agasti nonyaka.

Lenkonzo izobanjelwa e-City Hall ngoMgqibelo mhlaka 16 ku Julayi kanti ngokusho kokhulumela iThemba Njilo Foundation, uThula Mhlophe uthe ngokubuka izigigaba zakamuva zokubulala ezihlobene nezepolitiki abefundisi ngokubambisana nomasipala woMsunduzi neThembanjilo Foundation babone ukuthi kwenziwe lomkhuleko.

“Umasipala woMsunduzi iwona ogqame kakhulu ngezigameko zokubulala njengoba sibheke okhethweni lohulumeni basekhaya. Esigamekweni sokugcina kubulawe abesifazane ababili abebengamalunga e-ANC baseMbali.Lenkonzo ngeyokukhulekela uzinzo nokuthula kulelidolobha lethu ngesikhathi sokhetho.”

UMhlophe uthe abayobe behambele lenkonzo bayanxuswa ukuba bangayifaki imifaniswano yabo yezepolitiki kodwa bagqoka imifaniswano yabo yasemabandleni.

“Sicela bafake imifaniswano yabo yasemabandleni ngoba bazobe beze enkonzweni. Nalabo abaqokelwe ukuba bangene ezikhundleni emuva kokhetho bamaqembu ehlukene siyabamema ukuba babe yingxenye yalomkhuleko.”

Phakathi kwabaculi ekulindeleke ukuba banandise kulenkonzo, uNathi noNkanyiso, Dumi Mkokstad, Hlengiwe Mhlaba, Malusi Ndimande, Ndoda Maphumulo, Nelly ka Dlamini, Mqapheli kanye nabanye abaningi.

Inkonzo iyoqala ngehora leshumi ekuseni kanti ngeminye imininingwane ungaxhumana noThula Mhlophe ku 063 1884615.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.