Kuzosuswa abadayisa emgwaqeni bengenamvume

2017-09-27 06:00
Isithombe:Lethiwe MakhanyaUmasipala waseMsunduzi uhlele ukususa abantu abadayisa ngokungemthetho emgwaqeni yedolobha laseMgungunglovu.

Isithombe:Lethiwe MakhanyaUmasipala waseMsunduzi uhlele ukususa abantu abadayisa ngokungemthetho emgwaqeni yedolobha laseMgungunglovu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABADAYISA emgwaqeni yasedolobheni laseMgungundlovu bathi kunokuba umasipala uthi uzosusa bonke abantu abathengisa emgwaqeni kumele ususe abokufika abadayisa bengenazo izimvume futhi abafike kuleli ngokungemthetho.

Baphinde bakhala ngamaphara bathi inkaba yedolobha ingcola nje kanti nobugebengu buyanda edolobheni kungenxa yawo amaphara.

Omunye walabo abadayisa edolobheni uthe abokufika banomkhuba wokugwazela amaphoyisa akwamasipala ukuze bengeke besuswe lapho abadayisela khona.

Lokhu kulandela umhlangano obubanjwe ngomhlaka 8 ku-Septhemba phakathi kwalabo abadayisayo kanye nomasipala lapho khona abadayisi batshelwa ukuthi kumele beqoqe izimpahla zabo beyodayisela kwenye indawo.

Okhulumela umasipala, uNksz Thobeka Mafumbatha uthe umasipala uthathe lesi sinqumo ngoba kuhlezi kukhona izikhalo eziqhamuka kulabo abanazo izimvume zokudayisela emgwaqeni yasedolobheni ezithi kungani bona kumele bekhokhe kodwa kukhona abantu abadayisa bengenazo izimvume okusho ukuthi abakhokhi.

Uqhube wathi esinye isizathu esenze umasipala uthathe lesi sinqumo kungenxa yokuthi edolobheni laseMgungundlovu sekugcwele kakhulu kunesiminyaminya okungenzeka ukuthi kuyimbangela yokungcola kwedolobha nokubhebhetheka kwezigebengu kulendawo.

Kusolakala ukuthi lezi zizathu ziyimbangela yokuthi amabhizinisi amaningi avula amathuba okuqasha iningi afudukele kwezinye izindawo.

Asebedayise iminyaka eyishumi nangaphezulu enkabeni yedolobha laseMgungundlovu, uNkk Thandiwe Nkabinde noMnu. Madoda Kheswa abasebenzela kumgwaqo u-Retief enkabeni yedolobha bathe noma umasipala ungasithatha isinqumo esithi abantu abadayisa emgwaqeni kumele besuke kodwa angeke beyendawo.

“Sifundisa izingane zethu siphinde sondle nemindeni yethu ngemali esiyenza ngokudayisa yingakho singeke siyeke ukusebenzela la,” kusho uNkk Nkabinde.

UMnu. Kheswa uthe kuyamangaza ukuthi umasipala usehlele ukususa abadayisi kodwa ngenkathi edlule babethenjiswe ukuthi bazokwakhelwa izindawo zokudayisa ezinemipheme.

Bathe sebake bawagcwalisa ama-fomu ayehambisana nemifanekiso yomazisi okuthola izimvume zokudayisa edolobheni kodwa akukho abake bakuthola okuqhamuka kwamasipala.

UNksz Mafumbatha uthe kungekudala umasipala uzoqala uhlelo lokususa abadayisa emgwaqeni yaseMgungundlovu kodwa kuzobe kuqondwe kulabo abangenazo izimvume abadayisa ngokungemthetho.

Unxuse abadayisi ukuba beye emahhovisi akwamasipala bephethe omazisi kanye namadokodo amabhizinisi abo ukuyofaka isicelo sokuthola imvume yokudayisela emgwaqeni yasedolobheni laseMgungundlovu.

“Abathengisi basemgwaqeni bayazi ukuthi yini okumele beyenze ngoba saba nomhlangano nabo. Baningi abantu abadayisa enkabeni yedolobha kodwa iningi labo badayisa ngokungemthetho,” kusho uNksz Mafumbatha.
Uthe abadayisa emgwaqeni ngokungemthetho bazobhekana nengalo yomthetho.

“Abantu bavumelekile ukuthi bedayise emgwaqeni ezindaweni ezigunyaziwe lapho okungeke kuphazamiseke indawo yokuhamba. Umasipala uqala ngokuthi uyihlole indawo umuntu afake isicelo sokudayisela kuyona ngaphambi kokuba akhiphe imvume,” kusho uNksz Mafumbatha.

Abadayisi abakhulume ne-Maritzburg Echo bathe bebengazi ngomhlangano wangezi 8 kuSepthemba nangesinqumo esithathwe umasipala.

IMININGWANE NGABAFANELEKILE UKUFAKA ISICELO SOKUDAYISA EMGWAQENI:

* Abantu abangasebenzi.

* Umfanekiso kamazisi

* Abantu abangakweleti ama-rates akwamasipala.

* Imali yokukhokhela imvume ingafika ku-R90 kodwa lokhu kuyangokuthi umuntu uzodayisa impahla enjani.

* Ilayisense yebizinisi inikezwa abadayisa izimpahla ezingenakonala kanti ingu-R51.50 okhokhwa kanye.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.