Kwethulwe ngokusemthethweni i-Active Fridays

2017-02-08 06:02
PHOTO: nokuthula khanyile Izikhulu ebezihambele umcimbi wokubekwa ngokusemthethweni kwe-Active Fridays.

PHOTO: nokuthula khanyile Izikhulu ebezihambele umcimbi wokubekwa ngokusemthethweni kwe-Active Fridays.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNYANGO wezeMidlalo, amaCiko namaSiko KwaZulu Natali uthule ngokusemthethweni uhlelo lokunxenxa abantu ukuthi bazivocavoce ngoLwesihlanu olwedlule olwaziwa nge-Active Friday eWoodburn Stadium.

Ekhuluma kulomcimbi obuhanjelwe abafundi bezikole ezahlekene zaseMgungundlovu kanye nezaguga umeya womasipala woMsunduzi uThemba Njilo uthe kubalulekile ukuthi abantu bazivocavoce uma bezimisele ukuphila isikhathi eside futhi bangahlaselwa yizifo.

“Umzimba ophilayo wenza ingqondo ephilayo. Kufanele abantu bazivocavoce noma ngabe bakuphi nendawo bangaze balinde ukuthi baye ejimini. Nathi lapha eMsunduzi loluhlelo siluqale emavikini amathathu edlule lapha eNatal Cabineers Garden njalo ngoMsombuluko, uLwesithathu kanye noLwesihlanu. Kufanele loluhlelo siluqhube nasemakhaya sikhuthaze nabanye ukuthi bagcine imizimba yabo iphilile,” kusho uNjilo.

UNgqongqoshe walomnyango uBongiwe Sithole-Moloi uthe ngaloluhlelo bafuna ukukhuthaza ukuzivocavoca benze nemidlalo ezobenza baphile.

“NjengeKhabinethi yaKwaZulu Natali sithathe isinqumo sokuthi siqoke usuku lwangoLwesihlanu njengolokukhuthaza abantu ukuthi banyakazise imizimba yabo. Sifuna abasebenzi kuyo yonke iminyango kahulumeni bazi ukuthi uLwesihlanu usuku lokuzivocavoca noma ngabe umuntu uchitha isikhathi esingangehora ejimini.”

USithole-Moloi ukhuthaze abantu ukuthi bazivocavoce futhi badle nokudla okufanelekile.

“Ake siyeke ukudla okunamafutha kakhulu ngoba kuba nomthelela ongemuhle emizimbeni yethu ekuhambeni kwesikhathi. Sigqugquzela nabasemakhaya ukuthi bathathe izinqumo ngezimpilo zabo ezizobenza baphile isikhathi eside. Yingakho Nathi singuhulumeni sithathe isinqumo sokuhlangabezana nomphakathi ngokwakha ama-out door gyms ukuze ukwazi ukugcina imizimba yawo iphilile.”

UNgqongqoshe uthe ukuzivocavoca kwenza intsha ingabi naso isikhathi sokuzibandakanya ezintweni ezizocekela phansi ikusasa layo.

“Sithi intsha ayiyeke ukudla izidakamizwa kodwa ichithe isikhathi sayo ngento ezoyenza ibe ngcono. Nabadala nabo sithi abaphume emakhoneni.”

Intokazi yaseThekwini uSbahle Mpisane odume ngelika ‘Fitness Bunnie’ iyona ebimenywe kulomcimbi ukuba izojimisa abebewuthamele.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.