Lihlehlile elomshayeli wesibhicongo sase Fezokuhle

2016-07-27 06:00

KUBUKEKA kusekude ukuqala kokuqulwa kwamacala abhekene nomshayeli weveni elalithwele abafundi base Fezokuhle Primary School elaphaphalaza langena emzini womuntu kwashona abafundi abayisishiyagalombili.

Ngesikhathi uLungile Mthimkhulu (33), evele kafushane enkantolo yesiFunda eMgungundlovu ngoLwesithathu olwedlule, icala lakhe liphinde lahlehliselwa umhlaka 29 ku Agasti njengoba ummeli wakhe ethe kunemibiko eshodayo ethintekayo kulelicala.

UMthimkhulu ubhekene namacala ayisishiyagalombili okubulala ngokungenhloso kanti wonke uyawaphika njengoba athi amabhuleki eveni ayengasebenzi.

Umbiko olindelwe, yilowo oqhamuka kongoti mayelana namabhuleki emoto kanye nokusebenza kwayo ngesikhathi sengozi. Kulengozi kwashona uYolanda Shezi, Bandile Chamu, Sinethemba Chonco, Olwethu Vilakazi, Sinakhokonke Mchunu, Sinenhlanhla Dlamini, Sinenhlanhla Nkomo kanye no Nonzuzo Zuma.

Ingozi yenzeke ngoJanuwari wonyaka owedlule uMthimkhulu yena waze wabekwa amacala ngo Okthoba wonyaka owedlule.

Omunye wabazali ongathandanga igama lakhe lidalulwe uthe okubuhlungu ngokuhlehla kwalelicala ukuthi abakabi nazo izimpendulo. “Namanje asikazi ukuthi yini eyaholela ekutheni kushone izingane zethu, uma lelicala lilokhu lihlehla asikutholi ukuthi sisivale lesigaba siqhubeke nezimpilo zethu. Kuhamba kancane ukuqulwa kwecala kanti silindele ubulungiswa,” kusho umzali.

Khona manjalo iMaritzburg Echo ithole ukuthi ngoMsombuluko wokuvulwa kwezikole kunabafundi abathathu bakusona lesikole abalimale engozini yemoto KwaPata. USihlalo wesigungu esingamele isikole uMnuz Botsotso Mahlaba usiqinisekisile lesigameko wathi labafundi bebehamba ngemoto encane. “Ngenhlanhla akekho umfundi oshonile kulengozi bangeniswe esibhedlela babe sebededelwa,” kusho yena. Uthe iyabakhathaza kakhulu indaba yokubandakanyeka kwabafundi ezingozi zomgwaqo njengesikole.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.