Liqokelwe indondo iqembu lomculo

2017-09-20 06:00
Isithombe: SithunyelweAmalungu amabili eqembu le-hip hop i-Hectic Fam uSiphesihle Ngcobo noLuthando.

Isithombe: SithunyelweAmalungu amabili eqembu le-hip hop i-Hectic Fam uSiphesihle Ngcobo noLuthando.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IQEMBU lomculo we-Hip Hop i-Hectic Fam yaseMbali liqokwe kuma Live Your Dream Awards azoba ngomhlaka 25 kuNovemba e-Playhouse eThekwini.

Oyilungu leqembu i-Hectic Fam, uLuthando Mchunu uthe: “Singakuthokozela ukwesekwa umphakathi waseMgungundlovu ngokuthi usivotele ukuze sizoyinqoba indondo ye-best hip hop group esiqokelwe yona kulomncintiswano,” usho kanje.

I-Hectic Fam ungayivotela ngokuthumela umqafazo othi LYD 937 ku 45633 kanti ukuvota kuvalwa ngomhlaka 24 kuNovemba.

Leliqembu linamalungu ayisikhombisa okunguMchunu, Siphesihle Ngcobo, Ntokozo Khwela, Amanda Sikhosana, Lindelwa Zaca, uNokwanda Hlongwa kanye noNelly Mbatha.

UMchunu uthe yize leliqembu lakhiwe ngonyaka ofile kodwa muningi umsebenzi asebewenzile kanti futhi sebesebenzisane nabantu abahlukahlukene baseMgungundlovu abakuwona lomkhakha womculo.

“Sesike samenywa nasemsakazweni waseMgungundlovu saphinde sasebenzisana noDj Cool kanti ngoMgqibelo, ngomhlaka 16 kuSepthemba sizokwethula ividiyo entsha yengoma yethu isihloko sayo esithi ‘PMB Rocks’,” kusho uMchunu.

Uthe basebenzisane ne-Blue Fire Media ekuqopheni levidiyo kanti umphakathi ungazitholela i-DVD yayo ngo-R50.

“Abantu abafisa ukuthola i-DVD yevidiyo yethu bengaxhumana nathi nge-email ethi luthaym2@gmail.com noma bexhumane nami kwinombolo ethi 061 262 5766,” kusho uMchunu.

Uqhube wathi uDj Cool umeme leliqembu ukuthi libeyingxenye ye-tour ezohambela izindawo ezahlukene esifundazweni.

Ungalilandela leliqembu ezinkundleni zokuxhumana okubalwa kuzona isiteshi se-YoutTube esaziwa ngokuthi Lutha YM, ku-Facebook YM_SA1 noma Hectic Fam, kanti ku-Twitter naku-Instagram YM_SA1 ukuze uzokwazi kabanzi ngaleliqembu uphinde uthokozele umsebenzi walo.

ZIWINELE

Abafundi ababili be-Echo bengaziwinela i-DVD yevidiyo entsha yeqembu le-hip hop laseMbali i-Hectic Fam. Ukuze uzothola ithuba lokuwina i-DVD qala ngokuthanda ikhasi le Echo ku-Facebook mese ulindela lolu daba mayelana naleliqembu mese uthanda lona. Abantu abazothola ithuba lokuwina i-DVD yilabo abazothanda lolu daba ekhasini le Echo kuFacebook kanti futhi abaphinde belandele noma bethande ikhasi laleliphephandaba kuFacebook. Abawinile bazomemezelwa ekhasini le Echo ku-Facebook ngoLwesihlanu, ngomhlaka 15 kuSepthemba.

Kuzowina abantu ababili umuntu eyedwa uzothola i-DVD eyodwa.

Sesike samenywa nasemsakazweni waseMgungundlovu saphinde sasebenzisana noDj Cool kanti ngoMgqibelo, ngomhlaka 16 kuSepthemba sizokwethula ividiyo entsha yengoma yethu isihloko sayo esithi ‘PMB Rocks’

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.