Sebebasa izinkuni abakhala ngogesi obizayo

2017-06-28 06:00
Umphakathi waseTransit area ku-ward 23 ubhikishe wavala umgwaqo ngoMsombuluko ukhala ngogesi obizayo. Isithombe: Lethiwe makhanya

Umphakathi waseTransit area ku-ward 23 ubhikishe wavala umgwaqo ngoMsombuluko ukhala ngogesi obizayo. Isithombe: Lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BAMISE yonke into abahlali baseTransit area ngaphansi kwaka-ward 23 ngoMsombuluko njengoba bedinwe bavala umgwaqo ngamathayi avuthayo, amatshe, amabhodlela kanye nodoti.

Labahlali bavale umgwaqo omkhulu u-Edendale road kanye nomgwaqo ongenela ku-FJ Sithole eMbali. Lomphakathi ukhala ngogesi obizayo nabathi njalo uma bethenga ugesi esitolo babanjelwa u-40% walowogesi abawuthengile. Lesiteleka sidonse cishe usuku lonke njengoba nantambama kuphinde kwaqalwa phansi kwavalwa umgwaqo.

Uqhube wathi lenkinga iqale ngenyanga kaSepthemba ngonyaka owedlule ngesikhathi benikezwa izigubhu zikagesi ezincane ezisetshenziswa njengomakhalekhukhwini.

UNkk Busisiwe Khanyile ongumhlali utshele i-Echo ukuthi yena ubethenga ugesi ka-R200 inyanga yonke kodwa manje awusaqedi ngisho isonto.

“Uma uthenga ugesi ka-R100 uthola uR40. Uthi uma uwufaka uhlale usuku olulodwa bese uyakhala ukutshele ukuthi usuyaphela. Mina bengithenga ugesi ka-R200 inyanga yonke ngiwusebenzisa nezingane zami kanye nabantu abaqashile kodwa manje sekumele sihleli sithenga njalo,” kubeka yena.

Lo mphakathi uthi ukhathele ilo gesi ufuna ukubuyiselwa ugesi wawo wakudala ngoba umasipala udlala ngathi. “Seloku kwaqala lento yalezigubhu ezincane akukho nje okulungile. Sesitheza izinkuni sibase zona manje ngoba ayikho into esizoyenza. Sifuna ukwazi ukuthi yini esiyikhokhelayo ngoba umasipala awukazi usazise ngisho ukusazisa .”

Amaphoyisa kudingeke ukuba asebenzise isisa esikhalsia unyembezi ukuhlakaza isixuku, kodwa umphakathi ubungapheli mandla njengoba ubuqhubeka ubhikisha ubasa umlilo emgwaqeni. Labahlali abagcinanga ngokuvala umgwaqo kuphela kodwa bajikijele ngamatshe ihhovisi lakamasipala uMsunduzi elikulendawo.

Akulimalanga nje kuphela ihhovisi kodwa nezimoto zabantu ebezithi zizodlula kulomgwaqo bezishaywa , kwaphinda kwakhishwa nama-robots ku-Edendale road.

Okhulumela amaphoyisa esiteshini iPlessislaer uKapateni Musa Ntombela uthe kuvulwe icala lokudala udlame emphakathini kodwa bekungakaboshwa muntu.
Okhulumela umasipala waseMsunduzi uThobeka Mafumbatha uthe kusolwa iqenjana labasebenzi bakwamasipala ngokuphela kukagesi.

“Kuyasikhathaza kakhulu ukuphazamiseka kukagesi njengoba sekwenze umonakalo emphakathini yethu. Umasipala waseMsunduzi uhlezi unobudlelwano obuhle nabasebenzi bawo yingakho njengo masipala sifisa ukusho ukuthi kukhona imigudu abasebenzi abangayilandela uma kukhona izikhalo abanazo ngomasipala. Siyabagqugquzela futhi ukuthi belandele imigudu efanelekile futhi esemthethweni,” kusho uMafumbatha.

Uthe umasipala ufisa ukuxolisa ngokuphela kukagesi nokuthi uzama ngayoyonke indlela ukuthi ugesi ubuyele esimeni.

FROM PAGE 1

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

/News
 

7 weirdly awesome pets you can own

If you think it’s too boring to own a cat or a dog, consider getting one of these pets.

 
 

Paws

Pack theory: fact or fiction?
Perfect dog-walking 1: Why dogs pull on the lead
SA stats: The role of pets in families
The top 6 poisonous foods for your pet
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.