Sife olwembiza kuwa is’xaxa

2016-08-17 06:00

NGITHI angibhonge emswaneni emva kokuhamba kwengqalabutho kwezobuntatheli ubaba uKhaba Mkhize. Impela isizwe sigqemeke engeqiwa ntwala ngokudlula emhlabeni kukaKhabazela. Kubuye amazwi akhe lapho sasisixoxa naye ethi: “Ngisho abantu bangadansa umdanso ofanayo kodwa kuyenzeka ababukeli bachazwe oyedwa wabadansi”.

Ngokunjalo noMkhize ugqame eningini ngenxa yamagalelo akhe ahlukile. Amagalelo akhe abethakwe nesibindi, impokophelo, uthando lokuthula noxolo. Iphephandaba iWitness kanye ne-Echo angubufakazi bemisebenzi yakhe.

UKhabazela uqale ukusebenza ngingakaphushwa nokuthi ngiyoke ngifike kulo mhlaba, kodwa ngiyazi ukuthi ubuntatheli bebungeyona ifashini ngaleyo minyaka. Ukubhala amaqiniso kwabe kusho ukuthi uyiphekula-zikhuni. Ukubuza imibuzo enohlonze kwiziphathimandla kwakukufaka ejele kukusondeze nakwagoqanyawo. Kwakuphinde kukhombe ukuthi uyongena phakathi komlilo nezinhlamvu zodlame lwezepolitiki. Akekho obekwazi ukukutshela kangcono ngodlame olwaluphakathi kwe African National Congress kanye neNkatha ngeminyaka yama 80s nokuqala kwama 90s eMgungundlovu, ngaphandle kuka Khaba Mkhize nomthwebuli uPercy Khumalo. Wayekhanyiselekile ngenqubo yamaqembu ahlukene kodwa akavumelanga usiba lwakhe ukuba lucheme. Wayeveza amaqiniso nemizwa yabantu ngezenzo zikaHulumeni wobandlululo. Phakathi kwalezo zigameko ngeke sasishiya leso sika DCO Matiwane owayebhikisha yedwa ngendlela ehlukile ethawini.

Wayezibopha ngamaketanga abuye azibhale emzimbeni ngezenzo zikaHulumeni wobandlululo. Kwakuthi uma amaphoyisa embopha bese uKhaba ababuze imibuzo enzima. Lokho kwaholela ekuboshweni kwakhe naye uKhaba.

Phezu kwazo zonke lezo zigameko akaphelanga amandla waqhubeka nomsebenzi wokubikela isizwe. Uthando loxolo nokubambisana yilo olwenza umsebenzi wakhe wakhwebuza okwengwebu yotshwala buvumile. Is’xaxambiji sibe inomfi eyahlanganisa abantu ababengabhekani. Saphinde saletha inhlansi yethemba ngeNingizimu Afrika entsha. Yiwo lawo magalelo amenze wagcina engumphathi wokuqala omnyama wenhlangano yezokusakaza ngomoya eMzansi (SABC). Nalapho akafikanga nje wahlobisa kodwa wagalela kwezwakala. Kwagcina sekukhona nombimbi lwabaculi abazibizwa ngaso iS’xaxambiji.Wayengena noBhodloza Nzimande batshele isizwe ngokubaluleka kokubambisana. Akazange wayikhohlwa indawo yaseMgungundlovu njengoba waphinde wahlanganisa elalibizwa Abathandi Boxolo. Kwagcina ngokuthi kuhlanganiswe izikhulu zamaqembu ayengezwani uKhongolose neNkatha. Kwaqokelelwa amagama abantu abashona ngodlame abe esebhalwa etsheni lesikhumbuzo eMbali.

Ngibe nenhlanhla yokusebenzisana nobaba uKhaba izikhashana. Engimkhumbula ngakho yinhlonipho nesineke sokucushisa abantu abasha. Wasilekelela kakhulu ngesikhathi sibhala umlando ngoDCO Matiwane nangesikhathi sama Heritage Forums ngaphansi kwehhovisi likaNdunankulu. Nalapho kade sishutha iDocumentary Film ngodlame lwase Mgungundlovu sifike ekhaya lakhe esebuye akhohlwe ngenxa yempilo kodwa wasinika oluningi ulwazi olubalulekile. Impela okaGcwabe bekuyinqolobane yolwazi. Imisebenzi yakhe ngeke siyikhohlwe. Sengathi umoya wakhe ungaphumula ngoxolo. Sandla fun'indawo.

MAZWI NGUBANE

Willowfontein

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Jordaan missing in action

47 minutes ago

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.