Sishubile isimo KwaDambuza

2017-04-19 06:00
Imoto yohlobo lwe-BMW ebimbobombobo izinhlamvu ekutholakale kuyona izidumbu ezine kwaDambuza.PHOTO: supplied

Imoto yohlobo lwe-BMW ebimbobombobo izinhlamvu ekutholakale kuyona izidumbu ezine kwaDambuza.PHOTO: supplied

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMAPHOYISA athi ayikaziwa imbangela yokubulawa kwabantu abane izidumbu zabo ezitholakale zidindilize emotweni zinamanxeba okudutshulwa kwaDambuza.

Ngokusho kwamaphoyisa laba badutshulwe ngesibhamu sohlobo lwe-AK47 izintatha ngoMsombuluko kade behamba ngemoto yohlobo lwe-BMW.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Thembeka Mbhele uthe indoda eneminyaka engu 27 ubudala ibishayela lemoto ihamba nabanye abane phakathi.

“Bahlangane nabasolwa abangaziwa badubula bebhekise kubona kwashona abane kulabo akade besemotweni okuhlanganisa nowesifazane.”

UMbhele uthe abashonile baphakathi kweminyaka engu 20 kuya kwengu 28 ubudala.

“Imbangela yokubulawa kwabo ibingakaziwa kodwa amaphoyisa asePlessislaer aphenya amacala amane okubulala kanye nelilodwa lokuzama ukubulala.”

Lesigameko senzeka nje ngempelasonto bekungcwatshwa ingxenye yabesilisa abahlanu abaqothwa ngenhlamvu amaphoyisa kade bephuma ukuyogqekeza eHilton emasontweni amabili edlule.

Amaphoyisa abethe chithisaka uMgungundlovu wonke njengoba izimoto bezishaya izitshitshi kuqhuma nezibhamu njengendlela yokubavalelisa ekuthiwa bebephila ngayo.

I-Maritzburg Echo ithole ngemithombo yayo ethembekile ukuthi ukubulawa kwalaba besilisa abane kuhlangane nokubulawa kowesilisa waseGxa uLucky “Moja K” Magwaza (37) obengcwatshwa ngempelasonto.

UMagwaza udutshulwe ngentululwane yezinhlamvu ngoLwesibili olwedlule ngaphandle kwakakhe.

Umthombo we-Maritzburg Echo osondelene naloludaba uthe inkinga iqale emaviki amathathu edlule kade kushiswa imoto yomngani kaMagwaza ohlala kaMachibisa.

“UMagwaza nabangani bakhe bagcine betholile ukuthi obani ababeshise imoto base bebafuna baze babathola maqede bashawa labobalisa.”

Uthi laba abashawa base bakha itulo lokuziphindiselela kuMagwaza nabangani bakhe.

“UMoja bebemsaba kakhulu yingakho bamlalela uyendle bamdubula ebusuku ngaphandle komuzi wakhe.”

Omunye umthombo uthe ngobusuku adutshulwa ngabo, uMoja wabona imoto yohlobo lwePolo eSilver izulazula ngakwakhe wabe esebikela abangani bakhe kuWhatsApp.

Umthombo uqhube wathi uMagwaza ushona nje ubesevele ehlalele ovalweni ngoba ubesazi ukuthi uzulelwa amanqe. Kuthiwa nasekhasini lakhe kuFacebook uke wabhala umyalezo wokuthi ulindele noma ngabe yini.

“UMagwaza ubengaseyena umuntu ogxile kakhulu kwezobugebengu njengoba esebenomuzi wakhe kanye nengoduso. Ubeseyicwecwa impilo yakhe, isikhathi esiningi uma ushiya lempilo yobugebengu abantu bazitshela ukuthi uwena ongasebenzisana namaphoyisa bese befuna ukukususa.”

Umthombo uthe akucaci ukuthi iqembu eladubula uMagwaza elakuphi nendawo.

“Angeke ukwazi ukusho ukuthi iqembu elalaphi ngoba loludaba selujule kakhulu. Abantu abangaphakathi kuphela abaziyo ukuthi kwenzakalani abangakutshela ukuthi iqembu elingaboni ngasolinye nelaMagwaza elakuphi.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/World
 

For the love of Corgis!

WATCH: 35 Corgi's to make your day! If they’re good enough for the Queen of England they’re good enough for us.

 
 

Paws

Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Buying a puppy? Don’t get scammed!
WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.