Siyakubongela mfokaGina ngeGagasi FM

2016-09-07 06:00

SIPHILA esikhathini lapho khona iningi lemisakazo emikhulu selingenandaba nokuvundulula amathalente amasha kodwa isikholelwa ekuqasheni osaziwayo abakweminye imikhakha njengabaculi noDJ ibenze abasakazi noma abadidiyeli.

Uma kungenjalo bashela umsakazi osuka komunye omkhulu ukuthi eze kowabo.

Inhloso ukuthi bahehe abalaleli abaningi kanjalo nezikamekethe ukuze benze inzuzo eningi ngokushesha.

Ingakho ke kujabulisa noma kuthusa ukubona umsakazo omkhulu uba nesibindi sokuqasha umdidiyeli noma umsakazi ovela emsakazweni womphakathi. Ngalamazwi esingawasho ngenhla ngiqonde ukubongela insizwa uBongani Gina osekunesikhashana nokho eqashwe iGagasi FM ohlelweni Indaba no Alex Mthiyane. Insizwa le enomoya ophansi noma ikhuluma kodwa edle ngokukhuthala nangokusabalala ekucabangeni nasekwenzeni. Umahlale emoyizela futhi nempakamo ayibonwa lena esiyibona kwabanye ‘osaziwayo’.

Ngiyifisela inhlanhla nenqubekela phambili emzamweni wayo wokufika esicongweni nezikaqeda isizungu. Kunesifiso sayo engisaziyo ebihlala njalo mangabe sixoxa nayo nomphathi weKzn Capital fm uJerry Jones ikhuluma ngaso ukuthi ngeke iphumule singafezekanga.

Angazi ke njengoba isikwelenyoni noma iselapho yini. Kunenqwaba yabasakazi nabafundi bezindaba engibaziyo la eMphithi abashaya into ecokeme futhi abasebancane nengifisa ukuthi ngelinye ilanga abanye babo ngibezwe sebegijima emisakazweni efana noKhozi FM, Vuma fm, Gagasi fm, ECR neminye.

Abanye babo abasekho nasemisakazweni kodwa ikhono likhulu futhi banothando lokusebenza emisakazweni kodwa bashiya ngenxa yezinkinga ezahlukene. Ukubala nje abambalwa esingike ngabezwa kahle kuMgungundlovu fm naku Capital FM: LSG, Lerato Tau, Bongiwe Nxele, Samke Dube, Siphiwe Sibiya, King Sweswe, Pearl Machi nabanye.

Mina ke uma umsakazo waseMphithi ukhiqizile ngijabula ngaphakathi akukhatheleki ukuthi imuphi.

Mfanafuthi ‘Jika Pantsula’ Nzuza

ESIGINGQINI

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.