Siyancomeka isenzo somculi uDuncan

2017-02-15 06:02

KWELAKHO elidlisayo neliphuma phambili nasonyakeni u2017 owaziwa ngowamabhinca ngicela uke ungiphe isikhala ngisho okuthize ngesenzo somculi uDuncan nesisuse impikiswano.

Ngizoqala ngiphawule ngohlobo lwabanye abantu abasezinkundleni zokuxhumana abazithandela ukugxeka nje kuphela. Loluhlobo lwalabantu abanye babo kwesinye isikhathi alube lusayihlaziyisisa into ngaphambi kokuba liyigxeke. Ungafunga ukuthi vele bona bangenela ukuphikisa yonke nje into eyenziwa noma eshiwo omunye umuntu kulezizinkundla.

Kudlula usaziwayo emhlabeni bese sithi ‘RIP sbanibani’ ubezwe sebethi ‘anisiyeke okokuqala akaziboni nalezinto enizibhala ngaye’. Khona nami esengibazi kahle ukuthi mabephawula ngokuthize okuvelele ngalesosikhathi bazokugxeka kumnyama kubovu. Uma kuke kwaba netemu uzobezwa sebethi sebekhathele bona manje indaba ka Van Damme noma kaQhubinja kanjalo kanjalo.

Mase ngiqhubeka ke nodaba lwami olungenze ngaze ngahlala phansi ngabahala lencwadi, ngifuna ukumncoma uDuncan ikakhulukazi ngoba usize umndeni ohluphekayo ukuze uvuke futhi ulale udlile. Angisibonanga futhi nesici ekutheni afake kwinkundla yokuxhumana njengoba esho ukuthi wayephonsela inselelo nabanye abaphila kangcono ukuthi balekelele imindeni elambile noma ehlwempu. Nami ukube nginemali ngabe ngiyabasiza nje abantu benkosi ikakhulukazi ngokudla ngoba isisu asikweletwa. Okunye okuvelile ngalomfana ilento yokuthi akusibona bonke abantu abasha abama engwaqeni ngenhloso yokufuna imali yewhoonga kodwa abanye usizi ngempela emakhaya abo. Ngiyamkhumbula nomunye usisi eMphithi owavinjwa umfana ecela ukudla kodwa wathi woza sambe bangena esitolo wamthengela ukudla.

Mina anginankinga nomuntu ongusaziwayo noma isigwili esisiza abantu bese ekuveza lokho sikwazi ngoba ithina futhi esibagxekayo ngokuba ogombela kwesabo abangasizi ngalutho. Izinkampani ezinkulu zenza imincintiswano emaphepheni nasemisakazweni ukubuyisela emphakathini nje ngoxhaso abalufaka emashishinini abo. Kuyiphutha kuphike uma umculi esiza abantu abasaphotha umculo wakhe nempumelelo yakhe bese ebiza abezindaba noma asivezele ku facebook? #IphuthaDololo.

MFANAFUTHI ‘JIKA PANTSULA’ NZUZA

eMphithi

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

Behind the sparkle

Alluring, beautiful and timeless - diamonds are some of the most sought after gems in the world and are a true testament of everlasting brilliance. Let us take you behind the sparkle to show you the history behind this coveted jewel.

/World
 

Fascinating facts about dogs

Think you know a lot about dogs? How many of these facts do you know?

 
 

Paws

Perfectly captured cat snapchats!
Fascinating facts about dogs
Out with the old dog, in with the new
Play with your pet when you're not at home
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.