TALKING FOOTBALL

2016-03-30 06:00

UMA ngabe esikufunda kwabezindaba mayelana nemali ewumnikelo ka-2010 ebholeni lama-Afrika aphesheya kwezilwandle kuliqiniso, impela kuyokhomba ukuthi asikhohlwe ngekusasa elihle kuleli zwe.

Intsha yakithi ethanda lo mdlalo inezidingo eziningi abaphathi abangakwazi ukuzigcina. Izinkundla azikho esimweni, izinto zokudlala njengamabhola, izicathulo nokunye okuningi akukho, kepha sikwazi ukunikela emazweni akude kunathi.

Kuleli sonto ngithanda ukukhuluma ngendaba yezikhundla. Kuyadabukisa ukuthi siyalwa sifuna ukuphatha kepha imisebenzi ayibonakali. Kubalulekile ukuthi sikuqonde ukuthi iNingizimu Afrika izwe lethu. Abadlali bebhola izingane zethu. Pho kungani singayenzi imisebenzi esizicelele yona ngokuthembeka nangothando. Ingabe siyakuqonda ukuthi okubi esikwenzayo sibulala isizwe sethu?

Uma ubheka lo mnikelo owenziwa uhlanganise nesimo emazingeni aphansi kulahlisa ngethemba. Kubukeka sengathi wonke umuntu ongena esikhundleni ezifundazweni ubheke ukufakwa esigungwini esikhulu ukuze asondele eduze neziphathi-mandla. Kungani singayizwa imizwa yabo uma kwenzeka izinto ezifana nalezi. Aphi amadoda nomama abangesabi ukufela iqiniso. Imali nabo bonke ubukhazikhazi bomhlaba sizofa sibushiye.

Izinga lebhola eMgungundlovu liphansi ngendlela emangalisayo. Maningi amadoda nomama abafuna ukuphatha kepha inkinga yami ukuthi akekho oseshilo ukuthi uzokwenzani oluhlukile kulokhu esikubone eminyakeni edlule. Abantu bafuna ukukhethwa kepha abavezi ukuthi baphetheni. Uthando lwebhola alukho kubaphathi abaningi kepha sikhonze udumo nemali. Akekube noshintsho ekwenzeni izinto. Unzima lo mthwalo!

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.