U-Baxter uthi iqembu lakhe limi kahle

2017-09-06 06:02

UMQEQESHI weqembu leSizwe elikhulu iBafana Bafana uStuart Baxter uthi uyazi ukuthi abanye abantu banyuse izinhlonzo ngesikhathi ememezela abadlali abazoba eqenjini lakhe lapho kudlalwa neCape Verde.

Phela leliqembu laseMzansi lizobhekana nalelizwe ngaloLwesihlanu lwakusasa.

Lomqeqeshi uthi yena ubone kuncono ukuqoka abadlali abathembayo nabazi kahle futhi nabasefomini enhle.

Uthi uma kuqokwa iqembu leBafana Bafana kubalulekile ukuthi abadlali abasefomini nababonakala bengasisebenzela iSizwe banikwe ithuba.

Sebebonke abadlali uBaxter abakhethile bangamashumi amabili nanhlanu. “Uma ubheka kahle-hle asikho isimanga engisenzile ngaphandle kokuthi ngibhekisise ukuthi wobani abahlala bengishayela umsebenzi oncomekayo kanye nabasefomini emakilabhini abo,”kusho uBaxter.

Phela iBafana Bafana izobhekana neCape Verde emidlalweni yokuhlungela abazoya kwi World Cup elandelayo.

Lomqeqeshi ubonakale egcine abadlali abaningi abakwazi ukudla iNigeria ngo 2-0 ekuyambeni eUyo ezinyangeni ezimbalwa ngesikhathi bedlala eyekuhlungela i2019 Afcon .

Okubonakale kuhehe amehlo abantu abaningi wushintsho lwamagama amane awabizile.

Phela lomqeqeshi uvuse isikhokho esidala sasemuva uMorgan Gould obuyayo emva kwesikhathi eside agcina ukudlala kwiBafana Bafana.

Ubuye wabuyisa oThulani Serero, Daylon Claasen noBradkey Grobler. “Bekubalulekile ukugcina iningi labadlali ababekhona ngaphambilini.Ukuqhubeka nokuwina kubalulekile,” kusho uBaxter.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

/Africa
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.