Ubhale incwadi enezaluleko

2017-09-27 06:03
Isithombe:Makhosandile ZuluUMnu. Samukeliso Mthembu waseSobantu uthe incwadi yakhe isihloko sayo esithi Liphi’ iwele lami? inezifundo eziningi ezibalulekile kubantu abasha.

Isithombe:Makhosandile ZuluUMnu. Samukeliso Mthembu waseSobantu uthe incwadi yakhe isihloko sayo esithi Liphi’ iwele lami? inezifundo eziningi ezibalulekile kubantu abasha.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMBHALI wencwadi isihloko sayo esithi Liphi’ iwele lami?, uMnu. Samukeliso Mthembu waseSobantu uthe lencwadi uyibhalele ukweluleka intsha ukuze ingeke ilahlekelwe amathuba kodwa yakhe-ke ukuze izoba ngabantu abaqotho.

“Nami ebusheni bami ngawenza amaphutha angilahlekisa ngamathuba amaningi yingakho ngithathe isinqumo sokuthi ngibhale lencwadi ukuze abalandela ngemuva kwami bengawenzi amaphutha afana nawami kodwa benze izinto ezilungile nezizothuthukisa izimpilo zabo,” kusho uMnu. Mthembu.

Uthe lencwadi imayelana nabantu abasha ababili abazithola sebe ngabazali kodwa ngenxa yezimo ezithize izingane zabo zigcina zihlukanisiwe zikhuliswa ezindaweni lapho kuhlala khona izintandane kuze kuholele ekutheni zibuye zihlangane kodwa esimeni esibucayi zibe zingazi ukuthi ziyingane zandawonye.

“Inkinga enginayo ukuthi abantu abaningi abazi ukuthi incwadi yami isiyatholakala kwimitapo yolwazi engaphansi kukamasipala waseMsunduzi. Iyadayisa nase Adams Booksellers ngo-R150 noma abantu bengaxhumana noNathi Ntuli ku 084 697 9250 noma nami uqobo ku 078 373 4664 noma bevakashele ikhasi lami ku-Facebook elibizwa ngokuthi Samukeliso Ke Mthembu,” kusho uMnu. Mthembu.

Uthe izifundo ezitholakala encwadini yakhe ukuthi imfundo ibalulekile kanye nokuthi abantu abasha bazi ukuthi ukuzinakekela ngokugwema izidakamizwa nokuzibandakanya ezintweni ezingafanele ulusha nakho kubalulekile.

Uqhube wathi yize incwadi isibekhona kusukela ngonyaka odlule uzewakwazi ukuthi ibekhona kwimitapo yolwazi nokuthi ayidayisela abantu kulonyaka.

“Abantu asebeyithengile bajabule ngayo akekho esengikengamuzwa ekhala kuna lokho bathi angiqhubekele phambili. Ngicela ukuthi abantu bayinikeze ithuba ngoba bazomangala ngabazokuthola kuyona,” kusho uMnu. Mthembu.

Uthe umbhali wezincwadi abukela kuyena uMnu. Chris Gardner ongumbhali wencwadi esihloko sayo esithi The Pursuit of Happyness.

“Ngisho nasesikoleni ngangihamba phambili ekubhalweni kwezindaba kodwa ngize ngaqala ukuthi ngibhale ngenkathi ngiphelelwa umsebenzi ngenxa yokulimala,” kusho uMnu. Mthembu.

Uphethe ngokuthi kumanje umatasa ngencwadi yakhe yesibili isihloko sayo esithi Manqele, kwankunzi edle emini.

“Le imayelana nenyanga ebandakanyeka ezigamekweni ezinyantisa igazi kodwa ukufa kwayo lenyanga kushiya umphakathi unemibuzo eminingi engaphenduleki,” ephetha.

lencwadi imayelana nabantu abasha ababili abazithola sebe ngabazali kodwa ngenxa yezimo ezithize izingane zabo zigcina zihlukanisiwe zikhuliswa ezindaweni lapho kuhlala khona izintandane kuze kuholele ekutheni zibuye zihlangane kodwa esimeni esibucayi zibe zingazi ukuthi ziyingane zandawonye.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/Africa
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.