Udedelwe ngebheyili osolwa ngokubulala iphoyisa

2016-12-28 06:01

UDEDELWE ngebheyili ka-R1000 inkantolo kamantshi eMgungundlovu ngoMsombuluko osolwa ngokubulala iphoyisa ebeliyintombi yakhe.

UJabulani Sithole (30), waseMbali uboshwe ngoMgqibelo ekuseni emuva kwesigameko sokubulawa kuka Sergeant Thabisile Zondi (41) obesebenza ngaphansi kwesiteshi samaphoyisa asePlessislaer emzini wakhe ose-Scottville.

Ngokwamaphepha afundwe enkantolo laba bobabili bebesebudlelwaneni bezothando kanti kuthiwa uSithole ubethi uyovakashela umufi kanti uzomufica nomunye wesilisa wabe esemhlasela wamgenca ngepiki emzibeni kanye nasebusweni.

Umshushisi uRene Padayachee uthe umbuso awuphikisani nokuthi umsolwa anikwe ibheyili ngoba akazange abaleke emuva kwalesigameko kodwa wahlala walinda amaphoyisa kwaze kwabe uyaboshwa.

Encwadini efungelwe kamsolwa efundwe ummeli wakhe wesihle uNico Kinners uthe umsolwa uyena owafonela amaphoyisa waze wabiza nofakazi ongumakhelwane [amgagule ngegama] ukuba azobona umonakalo ayesewenzile.

“Kusobala ukuthi wayengenayo inhloso yokubaleka kodwa waze wabiza umuntu wesithathu ukuba azoba ufakazi futhi wafonela amaphoyisa amfica ehleli nesidumbu wabe eseboshwa.”

Umsolwa kuvele ukuthi ungumuntu ongasebenzi kanti unabantwana abathathu. Ababili abanonyaka kanye noyedwa oneminyaka emithathu.

Yethula isinqumo sebheyili imantshi uMiranda Buikhutso ibekele umsolwa imibandela eqinile.

“Yize noma umsolwa ebhekene necala elinzima umbuso usunqume ukuba adedelwe ngebheyili ngoba ubona emancane amathuba okuthi angabaleka. Kufanele abike esiteshini samaphoyisa esiseduze naye njalo ngoLwesithathu nangoLwesihlanu kuze kube icala lakhe liyaphothulwa.”

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Thembeka Mbele isidumbu sikaZondi sitholwe simanxebanxeba edamini legazi sesivuvukele. Amaphoyisa abe esevula icala esiteshini samaphoyisa ase-Alexandra kanti obambe njengomkhuzi wemaphoyisa esifundazweni uMajor General Bheki Langa uzwakalise ukushaqeka kwakhe ngokubulawa kukaZondi.

Umsolwa uzobuyela enkantolo mhlaka 1 kuFebhruwari ngonyaka ozayo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

Behind the sparkle

Alluring, beautiful and timeless - diamonds are some of the most sought after gems in the world and are a true testament of everlasting brilliance. Let us take you behind the sparkle to show you the history behind this coveted jewel.

/News
 

Play with your pet when you're not at home

Many pets are alone at home during the week while their owners are at work. So what do these animals get up to while they’re home alone?

 
 

Paws

How to get rid of fleas
12 Cool cat facts
Chocolate can be fatal for dogs
Spider-man star's adorable relationship with his dog
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.