Ufisa ukushicilelwa umbhali wase Willowfontein

2017-05-03 06:02
PHOTO: nokuthula khanyileUMnuz Bhekisisa Khanyile.

PHOTO: nokuthula khanyileUMnuz Bhekisisa Khanyile.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMBHALI wase Willowfontein uthi udinga abazomhlangabeza bamcushise ukuze umsebenzi wakhe ugcine usushicileliwe.

UMnuz Bhekisisa Khanyile (49) uthi uqale ukubhala izindaba ezimfishane, izinkondlo, amahubo, iziphicaphicwane, kanye nezaga ngokuseqinisweni ngonyaka ka 1990.

“Ngeminyaka yawo 1980 ngifunda amabanga aphansi bese ngivele ngizibona ukuthi nginalo ithalente kodwa bekungakabi seqinisweni ngoba bengisemncane.”

UKhanyile uthi yize ezazi ukuthi unesiphiwo sokucikoza ngamagama kodwa ukungatholi abantu abazomcathulisa kulomkhakha kumqeda amandla.

“Muningi umsebenzi esengiwubhalile oduve ekhaya ngisho nezaga abantu abaningi abathi uma bezifunda bathole ukuthi ziyanemba nginazo. Okubuhlungu ukuthi akubhaleki ngokushesha uma umsebenzi wakho ungashicilelwa futhi lokho kugcina kuqeda amandla nothando.” Lombhali uthe yize enesakhe isitayela kuyenzeka ahlwithe esababhali asebedumile kodwa ebhala ngomuzwa wakhe.

“Abekho ababhali engingathi ngibukela kubona kodwa kuyenzeka ukuthi kwesinye isikhathi ngihlwithe isitayela kodwa ngingaphelelwa umuzwa wami ngendlela engiloba ngayo nami njengombhali.”

Lombhali uthe uyafisa ukuthi ngaphandle nje kokuthi umsebenzi wakhe ugcine ushicilelwe kodwa uphinde uzwakale nasemisakazweni.

“Ngiyafisa ukuthi izindaba zami ezimfushane ziphendulwe iziqeshana ezizodlalwa emisakazweni okanye zigcine sezifundwa nasezikoleni njengoba kwenziwa nakwezababhali asebazakhela idumela.”

Uthi isikhathi esiningi imibhalo yakhe uyisusela ezintweni asuke ezibona zenzeka.

“Kunendaba emfishane ethi ‘Usuku oluhle’ ekhuluma ngokuthi ungamoni omunye umuntu. Igqugquzela ukuthi abantu baphathane kahle futhi baqikelele ekutheni abaphathani kabi ngaso sonke isikhathi.”

Umbhali uMnuz Zakhele Hlatshwayo echaza ngobuciko bukaKhanyile uthe ubona ithalente eliyisimanga kuyena.

“Unethalente eliyisimanga into ayidingayo nje abantu abazomhlangabeza ngokomsebenzi wakhe. Uzithobile futhi izinto azibhalayo zincike kakhulu ebhayibhelini. Okuhle ngaye ukuthi yize kade aqala ukubhala unamandla okuthi angeke alahle ithawula umsebenzi wakhe ungakashicilelwa.”

Eqhuba uHlatshwayo uthe uyafisa ukuthi iphupho likaKhanyile lokuthi umsebenzi wakhe ugcine ushicilelwe lifezeke. “Singajabula uma kungaqhamuka abezinkampani ezishicilela izincwadi bakwazi ukumcathulisa. Sengike ngawufunda umsebenzi wakhe muhle kakhulu kanti nabanye abantu bangafunda okuningi kuwo.”

Uma ungakwazi ukusiza uMnuz Khanyile ungaxhumana naye ku 084 784 7376.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Behind the sparkle

Alluring, beautiful and timeless - diamonds are some of the most sought after gems in the world and are a true testament of everlasting brilliance. Let us take you behind the sparkle to show you the history behind this coveted jewel.

Embracing sustainability in tobacco agriculture

In Sub-Saharan Africa, farming represents a subsistence lifestyle for millions of people. In recent years though, the development of farming into an economic activity has made a real change in how the land is used in providing for the population.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.