Ufuna izimpendulo umndeni wowabulawa esolwa ngokweba

2016-11-30 06:01
PHOTO: SUPPLIED Lindokuhle Sibisi

PHOTO: SUPPLIED Lindokuhle Sibisi

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UFUNA kwenzeke ubulungiswa umndeni wakwaSibisi e-Willowfontein emuva kokubulawa kwelunga lawo ngesihluku elatholakala lidindilize emathuneni ase-Azalea.

ULindokuhle Sibisi (25), kubikwa ukuthi watholakala eseshonile mhlaka 31 kuMfumfu emuva kokuthathwa abafana abaziwayo endaweni bayomshaya ngoba bethi untshontshe umakhalekhukhwini.

Udadewabo uThandeka Sibisi elandisa leliphephandaba ngokwenzeka uthe akucaci ukuthi umfowabo wayephuce bani umakhalekhukhwini njengoba kuze kube yimanje akekho oke waphumela obala wazobikela umndeni ngokwenzeka.

“Wayemi nabafana basendaweni emgaqweni ngesikhathi kuqhamuka imoto yathatha yena nomunye umngani wakhe kwathiwa bantshontshe umakhalekhukhwini. Balayishwa emotweni yahamba nabo bayoshawa ndawana thizeni base beqathazwa ezindaweni ezahlukene. Umngani wakhe yena wasinda ngoba lo owayentshontshelwa kuthiwa wathi wayengekho. Wasitshela ukuthi emuva kokushawa babalahla ezindaweni ezahlukene.”

Uthe emuva kokuthi uLindokuhle engabuyanga ekhaya ngoMgqibelo wesigameko mhlaka 30 kuMfumfu baphuma inqina behambe bemfuna ezinkalweni zonke kodwa wangatholakala.

“Siyabazi labafana abenza lokhu, ngokusizwa amanye amalunga omphakathi sahamba sayobabuza ukuthi bamshonisephi uLindokuhle kodwa bamphika bathi abamazi.”

Uthi babe sebeya ngasemathuneni ase-Azalea lapho kuthiwa imoto eyayithathe umufi yabonakala ihamba ngakhona ngosuku lwesigameko.

“Uma sibuza ngasemathuneni ukuthi abambonanga yini bathi bambona umfana owayeshayiwe wayelimele kakhulu engasakwazi nokukhuluma wabizelwa i-ambulensi ukuze imphuthumise esibhedlela.”

Uthi umndeni wanikela esibhedlela sase-Edendale nalapho wafike watshelwa khona ukuthi uLindokuhle ushonile.

“Saqale samubheka emawodini wangatholakala sagcina simthole emakhazeni eseshonile. Isidumbu sakhe sasimanxebanxeba ngicabanga ukuthi washona emuva kokopha kakhulu.”

Uthe okubaphatha kabi njengomndeni ukuthi abasolwa baboshwa baphinde babonakala sebecanasa emphakathini.

“Mhlaka 1 kuLwezi abasolwa kwakufanele bavele enkantolo kodwa kwathi uma amanye amalunga omndeni efika khona kwathiwa badedeliwe. Sifuna ukwazi ukuthi lokhu kwenzeka kanjani njengomndeni singazange saziswe ukuthi uphenyo luhamba kanjani? Kufanele sense njani ukuze sithole ubulungiswa. Ukudedelwa kwabo kubeka nofakazi balelicala engozini ngoba nabo bangazithola sebelahlekelwe izimpilo zabo.”

Okhulumela amaphoyisa ase-Plessislaer uCaptain Musa Ntombela ucele ukunikwa isikhathi ukuze aphenyisise kabanzi ngaloludaba kanti kuze kwafika isikhathi sokushicilela engakaphenduli.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.