Ufuna ubulungiswa owasolwa ngokudlwengula umzukulu

2017-03-08 06:01

UFUNA kugezeke igama lakhe emphakathini umlisa waseMgungundlovu obebhekene necala lokudlwengula umzukulu wakhe oneminyaka eyisikhombisa kodwa labuye lahoxiswa.

Lomlisa igama lakhe esiligodlile ukuvikela ingane uthi selokhu abekwa lelicala isithunzi sakhe sidicileke phansi emphakathini waze walahlekelwa nawumsebenzi abeziphilisa ngawo.

Ekhuluma ne-Maritzburg Echo uthe izinkinga zakhe ziqale ngo-Febhruwari ngonyaka ka 2016 kade kufika osonhlalakahle emzini wakhe.

“Usonhlalakahle wafika wathi uze ngengane asethole imibiko yokuthi iyahlukumezeka. Kwasixaka lokhu sinogogo wengane ngoba thina besazi ukuthi ihleli kahle futhi nasesikoleni iqhuba kahle. Sathi uma simbuza losonhlalakahle ukuthi lezinsolo zivelaphi wathi uthole umbiko komunye womakhelwane kodwa wanqaba ukumgagula ngegama.”

Uthi losonhlalakahle wathi uzoyithatha ingane ukuze iyohlolwa kepha yena wenqaba.

“Ngamtshela ukuthi ayikho ingane azoyithatha ngoba mina ngokwazi kwami uma udaba lubucayi kanjalo kufanele afike namaphoyisa. Wabe esehamba wanyamalala izinyanga ezimbili.”

Uthi ngenyanga kaMeyi losonhlakahle waphinde wabuya futhi esezolanda ingane.

“Uma ebuya wayesehambisana namadoda amane bethi bazolanda ingane. Ngalelolanga ngangingekho ngisetohweni bafica ugogo wayo ingane nayo. Wathi uma ethi usayobheka umama wayo ingane khona ezokwazi ukuthi ingane ihambile wabuya sebehambile bashaya bachitha nengane.”

Uthi wathi uma ebuya emsebenzini wafica ingane ingasekho kuthiwa ithathwe osonhlalakahle.

“Lokho kwangidina kakhulu ngoba bayithatha sakuyintshontsha kungekho umuntu walapha ekhaya obanike lelogunya. Ngahamba ngaya emaphoyiseni ngiyobika afike aqinisekisa ukuthi abephelezele abezenhlalakahle kuzolandwa ingane ngoba mina ngiyalwa.”

Uthi wathi uma efonela osonhlalakahle okunguyena owayephenya lelicala lokuhlukumeza ngokocansi wamtshela ukuthi akavumelekile ukuyibona ingane.

“Wasitshela ukuthi asivumelekile ukuyibona ingane noma sisondele eduze kwayo. Wathi kumina ngisazophenywa ngoba ingane ihloliwe kwatholakala ukuthi yoniwe. Wathi ngeke siyibone kuze kube kuphela uphenyo.”

Uthi ngoJulayi wonyaka owedlule amaphoyisa angena ngesankahlu emzini wakhe entathakusa elengise izibhamu ezombopha.

“Bathi ngihlukumeza izingane base bengithatha icala lavulwa emaphoyiseni aku Loop Street. Ngakwazi ukuthi ngithole ibheyili enkantolo kodwa yanquma ukuthi icala lami lidluliselwe enkantolo yamajaji ngoba libucayi.”

Uthi icala lakhe laphinde labuyiselwa enkantolo kamantshi nokuyilapho lafike lahoxa khona.

“Ngaphambi nje kokuqulwa kwecala ngathathwa amagazi ukuze kutholwe ukuthi uketshezi olwatholakala enganeni luyamesha yini. Kuze kube manje angikaze ngitshelwe ukuthi leyomiphumela yathini futhi akekho nowangitshela ukuthi kungani icala lahoxiswa.”

Uthi okunye okumphatha kabi ukuthi sekuyophela izinyanga ezilishumi engamazi umzukulu wakhe ukuthi ulaphi.

“Siyayithanda kakhulu lengane futhi siyayikhumbula. Asazi nokuthi ikuziphi izinkalo njengoba yavele yashaqwa nje. Ngisho sidla ukudla kwehla kabuhlungu ngoba asazi ukuthi yena umzukulu ulala edleni nokuthi ugqokani njengoba zonke izimpahla zakhe zilapha.”

Eqhuba uthe lesigameko sesimenze wabukeka kabi emphakathini.

“Angisakwazi ngisho ukuthola amatoho emzini yabantu, ngidume kabi ngokuba umuntu ocuthela izingane azidlwengule. Isithunzi sami sidicilelwe phansi futhi ngeke ngiphinde ngiqashwe ndawo,” kusho yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

Behind the sparkle

Alluring, beautiful and timeless - diamonds are some of the most sought after gems in the world and are a true testament of everlasting brilliance. Let us take you behind the sparkle to show you the history behind this coveted jewel.

/News
 

Fascinating facts about dogs

Think you know a lot about dogs? How many of these facts do you know?

 
 

Paws

Out with the old dog, in with the new
Play with your pet when you're not at home
How to get rid of fleas
12 Cool cat facts
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.