UGigaba uvakashele ihhovisi lomyango wezasekhaya eMgungundlovu

2016-11-02 06:03

UTHELEKE emahhovisi oMnyango wezaseKhaya eMgungundlovu ngempelasonto kungazelele muntu ungqongqoshe uMalusi Gigaba ezohlola isimo sokusebenza.

UGigaba uthe wenze lokhu emuva kokuthola izikhalazo eziningi ezivela kubantu ezinkundleni zokuxhumana ezifana noFacebook noTwitter ngokungagculiseki ngokusebenza kwehhovisi laseMgungundlovu.

Phakathi kwezinto athe abantu bakhala ngazo, imphatho yasebenzi bomnyango kanye nolayini abade.

Ekhuluma nabezindaba uGigaba uthe naye uzibonele ngawakhe olayini abade ekukhalwa ngabo.

“Labolayini abade badalwa izinkinga ezimbili. Eyokuqala ukuthi lilodwa ihhovisi eMgungundlovu, nokwenza kube nzima ngoba yidolobha elikhulu futhi elinabantu abaningi. UMnyango uyantula kwezezimali, awunayo ingqalasizinda yokuba namanye amahhovisi nokuqasha abanye abasebenzi ukuze abantu bangasebenzisi ihhovisi elilodwa.

Uthe isibalo sabantu sizophunguka uma umnyango usuqale uhlelo lokubhalisa ku-internet ngokusebenzisana namabhange noma amahhovisi angomahamba nendlwane eseqala ukusebenza ngoFebhruwari wonyaka ozayo.

“Inkinga yesibili ukuthi abaphathi balelihhovisi abahlomisiwe ngokwanele ukusebenza kulelihhovisi. Akufuneki abantu abazobhekana kuphela nomsebenzi abanikwe wona kodwa kufanele abaphathi bahlele ukusebenza ngendlela ukuze abantu bathole usizo.”

Eqhuba uthe kufanele ihhovisi lihlelwe kabusha ukuze abantu bathole ukusizakala nomsebenzi usheshe.

“Sizokwenza izinguquko ezizoqinisekisa ukuthi abantu bathola usizo abaludingayo. Akukwazi ukuthi kungaba nokheshiya oyedwa kulelihhovisi elisiza abantu abangaka. Sizokwengeza ngomunye ukheshiya okwesikhashana bese ezinye izinguquko siziqala ungakapheli unyaka.”

Uthe ehhovisi laseMgungundlovu izingxenye ezinolayini abade kakhulu ilapho kufakwa khona izicelo zomazisi kanye nezincwadi ezigunyaza ukungena kwamanye amazwe kanye nalapho kulandwa khona.

“Enye into ekufanele sibhekane nayo ukuqeqeshwa kabusha kwabasebenzi bethu ukuze bakwazi ukubhekana nalomsebenzi. Nabaphathi bamahhovisi ethu nabo kufanele bacijiswe ngamakhono ukuze bakwazi ukubhekana nomsebenzi wokusiza abantu.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Behind the sparkle

Alluring, beautiful and timeless - diamonds are some of the most sought after gems in the world and are a true testament of everlasting brilliance. Let us take you behind the sparkle to show you the history behind this coveted jewel.

Embracing sustainability in tobacco agriculture

In Sub-Saharan Africa, farming represents a subsistence lifestyle for millions of people. In recent years though, the development of farming into an economic activity has made a real change in how the land is used in providing for the population.

/Africa
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.