Uhlalele ovalweni uShakes Mashaba

2016-03-30 06:00
Umdlali wasesiswini weBafana Bafana u-Andile Jali ungomunye babadlali         okubanjwe umoya ngabo kulandela           izindaba zokuthi babonakala bengekho esimweni ngenxa yokuthinteka, njengoba iqembu lesizwe lizilungiselela ukudlala neCameroon ngoMgqibelo.ISITHOMBE: BackpagePix

Umdlali wasesiswini weBafana Bafana u-Andile Jali ungomunye babadlali okubanjwe umoya ngabo kulandela izindaba zokuthi babonakala bengekho esimweni ngenxa yokuthinteka, njengoba iqembu lesizwe lizilungiselela ukudlala neCameroon ngoMgqibelo.ISITHOMBE: BackpagePix

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMQEQESHI weBafana Bafana u-Ephraim “Shakes” Mashaba usalokhu ethandaza engaqedi ngenxa yesimo sabadlali akangasiqondi kahle ngaphambi komdlalo wabo neCameroon ngoMgqibelo.

Abanye abadlali abaseqenjini basalokhu behlushwa izinhlungu ezidalwa izidubulo ezindala nabasanda kuzithola bedlalela amaqembu abo.

Noma uMashaba esazwakala noma etshengise ukubathemba bonke abadlali abakhethile futhi waze washaya phansi ngonyawo waze wabovu ebusweni ebavikela, kodwa kusekhona okuncane okumkhathazayo emoyeni.

Okokuqala okumhluphe zisuka nje amadaka ngamalungiselelo, ukufika ngemva kwesikhathi kwabadlali abayidlanzana ekhempini.

Ngalolu daba, ayikho bandla into abengayenza uMashaba ngoba imidlalo ehlukene yemiqhudelwano yeCaf ibithe chithi saka kule mpelasonto edlule.

Phela kuzokhumbuleka ukuthi amaqembu afana noKaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns neBidvest Wits bebephumile beye ngaphandle kule midlalo.

Iningi labadlali abasanda kumenyezelwa uMashaba bakwazile ukufika ngesikhathi ekhempini nalapho behlanganele khona eMilpark Hotel, eGoli ngeSonto ntambama emva kwemidlalo yabo yeligi. Kusobala-ke ukuthi lo mqeqeshi akabuthanga quthu ubuthongo emincele ukuthi labadlali abakhethile bafike beyimiqemane, bengalimele.

Cishe sebebonke abadlali abebephume namaqembu abo babalelwa kwisishiyagalolunye.

Okunye okubukeke kumnyusela ushukela umqeqeshi weBafana Bafana indlela imidlalo ehlelwe ngayo yiCaf, noma-ke eyekelana ngayo.

Phela iqembu laseMzansi libukeka lizobe lizalelwe yinja endlini, lapho izobe ibhekene neCameroon ngezinsuku ezithothelene eduze emidlalweni yokuhlungela abazoya kwi-Africa Cup of Nations (Afcon).

Iningi longoti bebhola lase-Africa nosozindaba abaningi baseMzansi bacabanga ukuthi noma basho bangahlonizi ukuthi uMzansi, iBafana Bafana phela, kuzofanele ilwise kwemamba enamanxeba futhi balichobozele leli qembu laseWest Africa. Ngaphandle nje kokunanaza nokufihla iqiniso, lo mdlalo awukho lula neze ngoba phela kuzokhumbuleka ukuthi iCameroon isize yawina i-Afcon izikhathi ezine. Lo mdlalo uzoqala ngo-4: 30 pm ngokwewashi lakuleli.

Lo mdlalo phakathi koMzansi nama-Indomitable Lions uzobe useStade Omnisport de Limbe eLimbe ekuhambeni khona eCameroon.

Kanti umlenze wesibili uzobe useMdubane, eThekwini, eMoses Mabhida Stadium ngoLwesibili oluzayo (March 29) ngehora lesikhombisa ebusuku.

Okunye okwenza kube lukhuni satsh emkhankasweni weBafana Bafana wukuthi abakwazanga ukuthola abaphuzu agcwele emidlalweni yabo emibili yokuqala. Phela uMzansi wadlala ngokulingana neGambia (0-0) wase ushaywa ngo-3-1 yiMauritania ngonyaka odlule. Izibalo zithi okungenani uMzansi kuzofanele ulwele ukuthola amaphuzu amane ukuze ube semathubeni okuya kwi-Afcon ngonyaka ozayo. Kuyacaca-ke ukuthi ukuhlulwa ngama-Indomitable Lions kuyosho ukuncipha kwamathuba okuya kwi-Afcon ka-2017 eGabon.

Ngokusho kokusho kukaMashaba le midlalo yomibili kufanelwe inqotshwe noma yikanjani.

“Akulula nokho khona. Sonke siyazi ukuthi iCameroon ayilona ubala futhi bathathwa njengezinye zezikhondlakhondla zebhola e-Africa.

Mina ngithi alikho izwe mhlambe esingathi lilula uma sekukhakhaselwa ukuya kwi-Afcon, okwethu nje ukuthi siwine le midlalo yomibili ukuze kucace lapho siya khona,” kusho uMashaba.

Kanti umdlali wePlatinum Stars uNdumiso Mabhena ugcine esebiziwe kokulimala kukaDino

Ndlovu. UNdlovu odlala eCyprus ufikile ekhempini yeqembu lesizwe kodwa wahoxiswa odokotela beBafana Bafana emva kokumxilonga bathola ukuthi akakulungele ukudlala.

Kanti no-Anele Ngcongca kanye no-Andile Jali abaziqeqeshanga neqembu osukwini lokuqala ngoba benezinkinga zokuthinteka nezinhlungu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.