Uhlele indumezulu yomcimbi eSweetwaters

2017-09-06 06:02

UMNU. Sphamandla Buthelezi, oneminyaka engu-26 odume ngelika Dj Cool, uhlele indumezulu yomcimbi wokugubha usuku lokuzalwa kwakhe. Lomcimbi ubizwa nge-All Black Party kanti uzokuba ngoMgqibelo, ngomhlaka 2 kuSepthemba, eKhawula’s Lounge and Night Club eSweetwaters.

UDj Cool uthe umeme u-Anga Makhubalo odume ngelika Naak Musiq kulomcimbi kanti no-Dj nabaculi bendawo, okubalwa kubona uDj Tick wase Afrotainment, imbongi u-Avela, uDj Musa, uMadida noMadizah, O-Surveyaa, uZwah, i-Hectic Fam, u-Omega LP kanye noDj Mbha bezoweseka lomcimbi.

Amathikithi atholakala ngo-R50 kuthi i-VIP ibengu-R70, ukwazi kabanzi ngokuthi amathikithi atholakala kuphi ungaxhumana noDj Cool kulenombolo 061 088 2056.

UDj Cool, ozinze elokishini laseMbutshane, eSweetwaters, usenze ezibukwayo emkhakheni wezomculo njengoba edlala emaklabhini aphinde abengumhleli wemicimbi kanti usebe kulomkhakha iminyaka emithathu emuva kokuthola iziqu zakhe zezifundo zeMedia eBoston Media House.

Uthe: “Uthando lwami lomculo lwaqala ngisasesikoleni samabanga aphansi mina nabangani bami sizibiza ngoDj emuva kwalokho ngaqala ngadlala emaphathini kanye nasemishadweni eyayiba khona endaweni,” kusho uDj Cool.

Uqhube wathi kumanje usevule inkampani yakhe eyaziwa ngokuthi iSamba noCool Media and Entertainment kanti futhi unelebula lakhe lezimpahla zokugqoka.

Uthe: “Ngisebenzela eKhawula’s Lounge and Night Club kanti ngenyanga ka-Okthoba ngifuna ukukhipha i-albhamu yami yesibili isihloko sayo esithi Samba noCool Volume 2. Kule albhamu ngisebenze nabantu abaningi abahlukene abala eMgungundlovu okubalwa kubona uQuelonke, Dj Quality, AyandarTwin, O-Surveyaa kanye noMadida noMadizah,” kusho yena.

LoDj uthe useke wasebenza nabanye abaculi asebezakhele igama kulomkhakha wezomculo okubalwa kubona uDj Tira, uBabes Wodumo, uNaak Musiq, uMpumi, uDj Sox, uDj Cndo, uJoocy, uDuncan, uDj Twitty, uDj Vumar, uProfessor, uCharacter, iBig NUZ, iDistruction Boys, uL’vovo kanye noDj Mngani. Uthe kulonyaka uhlose ukusebenzisana nabaculi abafana noBlack Coffee noBlack Motion.

ZIWINELE

Abafundi be-Echo bengaziwinile amathikithi omcimbi kaDj Cool. Ukuze uzothola ithuba lokuwina amathikithi alomcimbi qala ngokuthanda ikhasi le Echo ku-Facebook mese ulindela lolu daba mayelana nomcimbi kaDj Cool nomlando wakhe kumkhakha wezomculo mese uthanda lona. Abantu abazothola ithuba lokuwina amathikithi omcimbi kaDj Cool yilabo abazothanda lolu daba ekhasini le Echo kuFacebook kanti futhi abaphinde belandele noma bethande ikhasi laleliphephandaba kuFacebook. Abawinile bazomemezelwa ekhasini le Echo ku-Facebook ngoLwesihlanu ekuseni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.