Ukhala ngokugqekezelwa owase France

2017-03-15 06:02
PHOTO:nokuthula khanyileUMnuz Justice Zakwe waseFrance ekhombisa lapho bekungena khona izigebengu egalaji.

PHOTO:nokuthula khanyileUMnuz Justice Zakwe waseFrance ekhombisa lapho bekungena khona izigebengu egalaji.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKHALA ngokuhudula izinyawo kwamaphoyisa ase-Alexandra owase-France osegqekezelwe izikhawu eziyisishiyagalombili kodwa kungaboshwa muntu.

UMnuz Justice Zakwe wasePhase 5 uthi kuyamcacela ukuthi labantu abamhlukumezayo basebenzisana nabathile ngaphakathi emaphoyiseni njengoba bengaboshwa.

UZakwe uthe ukugqekezelwa kwakhe kuqale ngoJuni wonyaka odlule.

“Ngigqekezelwa okokuqala ngenyanga kaJuni ngonyaka owedlule kwathathwa imali kanye nomakhalekhukhwini nezinye izinto. Ngahamba ngayovula icala kodwa ngokubona ukuthi amaphoyisa awalilandeleli ngagcina sengizitholele mina ukuthi obani abagqekeza.”

Uthi wawubuyela emaphoyiseni eseyowatshela ukuthi utholile ukuthi obani abamgqekezela.

“Ngempela amaphoyisa afike azithola zonke izimpahla zami kubasolwa kodwa ekuhambeni kwesikhathi ngathola ukuthi icala lasulwa ngoba bungekho ubufakazi nokuyinto eyangixaka ngoba izimpahla zatholakala kubantu ababethinteka.”

Ngo-Agasti uthi uphinde wagqekezelwa futhi

“Ngaphinde ngavula elinye icala kodwa kwaphelela nje. Nango Okthoba baphinde babuya futhi bezogqekeza.”

Uthi ngoDisemba babuyile futhi

bamgqekezela amaphoyisa afika ezothatha

ama-fingerprints kodwa kwagcina lapho.

Ngenyanga edlule uthe bamgqekezele kwaze kwakabili.

“Ngahamba futhi ngayovula amanye amacala kodwa namanje ngisalinde ukuthi

amaphoyisa aphenye. Okungiphatha kabi kakhulu ukuthi nalawa amanye amacala

ayavalwa kuthiwe ubufakazi abukho”

Eqhuba uthe lezigilamkhuba

ezimhlukumezayo bezingena ngophahla egalaji bese zidilikela endlini ngaphakathi.

“Labantu abenza lokhu abantu abangibonayo uma

ngiphuma .Angisakwazi

nokuyosebenza ngoba ngibuya njalo

kunomonakalo. Cishe sekuphele

nezinyanga ezimbili ngingayi

nasenkonzweni ngoba bebekala ukuthi ngeSonto emini

angikho.”

UZakwe uthe uma ebala cishe impahla yakhe esintshontshiwe ingaphezu kuka R70 000.

“Okuningi abakuntshontsha angikubalile okunye ngikubona ngoba sengikufuna ukuthi akusekho. Lento yenza ngiwanyanye

amaphoyisa ngoba ukuhlukumezeka kwami akushaya indiva.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni

uLieutenant Thulani Zwane uthe uZakwe kufanele abonane nomphathi siteshi uma engagculisekile ngophenyo. UZwane uthe mabili kuphela amacala okugqekeza avulwa uZakwe .

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

Behind the sparkle

Alluring, beautiful and timeless - diamonds are some of the most sought after gems in the world and are a true testament of everlasting brilliance. Let us take you behind the sparkle to show you the history behind this coveted jewel.

/News
 

How to get rid of fleas

Before you call in the pricey exterminators, try this DIY approach that promises to get your flea problem under control.

 
 

Paws

12 Cool cat facts
Chocolate can be fatal for dogs
Spider-man star's adorable relationship with his dog
Do you know what you are feeding your dog?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.