Ukhala ngomthakathi okhunkula ngenkani eSobantu

2016-04-27 06:00

MHLELI: Ngibhala ngengikubone eSobantu ngo-24 March kungu-4:45 ekuseni. Ngivuka njalo ekuseni ngiye emsebenzini ngekhumbi yokuqala ngisuka kuNxele Street lapho ngihlala khona.

Uma ngiphuthuma nje, le khumbi ngiyizwa ihutha iza ngoMmendi Street. Ngiye ngikhuphuke umango ngijahe yona ikhumbi le ngasezitolo kwaMnyandu.

Ngaleli langa engibone ngalo umthakathi ngithe uma ngithi cababa, ngiqeda umango ngabona umama onqunu emzini womuntu. Ngabe sengihlehla, ngifuna angangiboni ngoba uyangazi. Ngibhace ngesihlahla ekhoneni lezitaladi uMngeni noMasiphula, ngacasha bibe ngibuka konke. Angibange ngisayigibela le khumbi ngoba yadlula ngimile lapho, ngoba ngifuna ukubona isiphetho.

Ngibhala le ncwadi nje mhleli ngikhathazekile ngibona umama omdala kangaka edlalela emzini wezingane ezincane kangaka. Lesi salukazi, kade sezwa thina ukuthi sikhohlakele. Ngeke ngiyikhohlwe leya yinto, ihlazo elingaka ugogo abenqunu emzini wabantu!

Okungikhathazayo wukuthi kusenabathakathi abacanasa kanje emzini yabantu belele.

Waqhubeka ke umama wabantu wageza abuye akhwife ekhuluma. Okubuhlungu umi nabazukulu bakhe umfana nentombazana abancane.

Ngisabuka, kuvele kuvuleke umnyango kulo muzi okugezwa kuwo. Bese kuphuma umama wakhona azithele kuyena ugogo lo. Ubesembuza ukuthi ugezelelani emzini wakhe. Athi: “Wemthakathi wenzani lana”, ememeza lo makoti. Wavusa izingane zakhe, zivuke, kumenyezwe omakhelwane, kukhuzwe umhlola. Ugogo wabe esegqoka iphinifa lakhe, izingane zivule isango zizama ukumjaha kodwa washesha waze wangena esangweni lakwakhe nezingane zakhe. Kumenyezwe-ke, kubuzwa ukuthi wenzani. Waphendula ngokuthi babuze emva kwendaba ngoba kade eqedile. Kuyiwe esangweni lomuzi wakhona, kumenyezwe kumenyezwe, kuvuswe bonke abakhona bese bebikelwa ngale ndaba. Abakhona abaphendulanga kahle bavele badelela bemvuna ugogo wakhona. Intombazane yakhona eyeza esangweni, hhey uluhlaza bo, banempakamo. Abanye abantu abakholwa!

Mina ngibhala le ncwadi nje ingoba laba bantu abathakathwayo bawumndeni ongabangani bami. Lo muzi okwageza kuwo lo gogo ikwaPhakathi kuMasiphula (ezinkukhwini). Ebuzwa umakoti walabo abethakatha khona ukuthi uthakathelani, embuza nano kuthi ucabanga ukuthi uzotholani njengobengenalutho njengoba umdeni wakhe uzihlalela endlini enamakamelo amabili kanti owakhe umthakathi mkhulu.

Waphendula umbedo ngokuthi athi: “Uyazi nje ukuthi ngafelwa indoda ingakho nje ngigeza,” wabe esethi akahlukane naye phansi. Umakoti wavele waphendula ngokuthi unamanga ngoba vele kade anukwa kulo mgwaqo abahlala kuwo njengoba ayesanda kubanjwa komunye umuzi emva kwendlu. Mina-ke ngiye sesihambile isikhathi emsebenzini, ngibuka izimanga. Lo gogo ubengenandaba nokubanjwa kwakhe, ubeziphendulela imibuzo imile nje ebaleni elekelelwa nawumndeni wakhe ngokudelela. Umakoti ongumini womuzi uthe akayekwe ngenkathi abantu abebekhona ngenkathi esehlatshwa ngemibuzo befuna ukuthi ayiswe emaphoyiseni.

Uvele nje wathi akayekwe kanjalo ngoba uSomandla uzobhekana naye. Hheyi uyakholwa lo makoti wabantu, akasabi lutho ngimbone kahle. Emva kwalokho uvele wathatha ushibhoshi wathela lapho kade egeza khona ngoba bekunephungana.

P BIYASE eSobantu

Mina ngibhala le ncwadi nje ingoba laba bantu abathakathwayo bawumndeni ongabangani bami. Lo muzi okwageza kuwo lo gogo ikwaPhakathi kuMasiphula (ezinkukhwini).

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.