Ukhale ngokusha oshone eyotolomisa

2016-11-09 06:00
PHOTO: nokuthula khanyile UNkk Zinhle Ntshiza oshone emuva kokukhala ngokusha emzimbeni.

PHOTO: nokuthula khanyile UNkk Zinhle Ntshiza oshone emuva kokukhala ngokusha emzimbeni.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UPHITHENE amakhanda umndeni wakwaNtshiza e-Dambuza emuva kokushona kwelunga lawo ekade liyimpelesi enkulu emshadweni ngempelasonto.

Lomndeni namanje uthi awukabi nazo izimpendulo eziqondile ngokuholele ekushoneni kuka Zinhle Ntshiza (31) emuva kokuhlaselwa ukugula okungaqondakali maqede washayeka phansi washona.

Unina uMathabo Sekwati elandisa iMaritzburg Echo ngokwenzekile uthe indodakazi yakhe ibimenywe emshadweni njengempelesi enkulu kamakoti.

“Ubesemshadweni womngani wakhe asonta naye ngesikhathi ehlaselwa ukugula. Kuthe uma sekufinyelele esigabeni sokuba umakoti asayine amaphepha akhe omshado kuthiwa indodakazi yami ikhale ngokuphelelwa amandla yathi iyashiselwa futhi umoya uyavaleka.”

Kuthiwa kube nesidididi uZinhle usephephethwa kwacishe kwaphazamiseka nomshado nokho ogcine uqhubekile.

USekwati uthe indodakazi yakhe ibikade ilale kubokamakoti ngoLwesihlanu ebusuku ukuze izosiza ngamalungiselelo omshado.

“Kuthiwa wakhala ngokuthi uyasha ucela bamnike amanzi okuphuza. Kwabe sekubizwa umyeni wakhe naye owayekhona emshadweni ukuthi azombheka ngoba kubonakala ukuthi ubambekile. Ababekhona basababaza bathi uZinhle wayelokhu ekhale njalo ethi uyafa ucela bamphuthumise esibhedlela.”

Uthe washayeka phansi waphuziswa amanzi wabe esekhunyulwa nengubo ayeyigqokile ukuze athole umoya. Kubikwa ukuthi udadewabo kamyeni kaZinhle wathi uthatha ingubo yomshado ayayigqokwe umufi ngesikhathi etolomisa naye wakhala wathi uyasha wayijula phansi.

Uthe esephapheme umufi wabe esehamba noninazala wakhe baya ekhaya. Uninazala wakhe kuthiwa wafike wamshunqisela endlini ngoba esola ukuthi kungenzeka ukugula okumphethe kuxhumene nesintu.

“Wafika ekhaya kwangathi uba ngcono waze wacela nokuthi ayophumula kancane. Ngesikhathi esaphumule bazama ukufuna imoto ezomhambisa esibhedlela ukuze ayoxilongwa.

Sazama ukufonela i-ambulensi kodwa sangayithola, sagcina siqashe imoto nokwathi uma sesimhambisa esibhedlela yafa endleni wagcina ephelele khona lapho ngezithuba zabo 8 ebusuku wangabe esavuka.”

Uthe indodakazi yakhe yayicelwe kudala ukuba iyoba impelesi kulomshado kodwa yanqaba ngoba ibisazithwele.

“Umakoti ngokubona ukuthi uZinhle ubelethe ngenyanga yesikhombisa waphinde wamcenga ukuthi azoba yimpelesi yakhe wagcina esevumile ngoba nengane ibisinezinyanga ezine.”

Uthe indodakazi yakhe ibingeyena umuntu ohlala ngokugula.

“Nathi sisamangele njengomndeni ukuthi engabe yini le ebimphethe evele yamsheshisa kwaze kwaba uyadlula nasemhlabeni ngoba kuthiwa ubelokhu ekhale ngokuthi uyasha nje. UZinhle ubengeyena umuntu ogula njalo, ubehlale ewumqemane.”

Imizamo yephephandaba yokuxhumana nomyeni kamufi ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Omunye osondelene naloludaba uthe umndeni ubusunqume ukuthi lungavezwa emaphephandabeni ngoba luthinta imindeni emibili.

UZinhle ushiye ngemuva izingane ezintathu okuhlanganisa nosana olunezinyanga ezine.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.