Ukuxaka kwesomiso kuphoqa ukongiwa kwamanzi

2015-11-18 06:00

LESI somiso esihlasele izwe iNingizimu Afrika, ikakhulukazi isifundazwe iZulu-Natali sidinga ukuthi sisebenzisane ngokubambisana ukuze sikwazi sonke ukuba namanzi anele size siphele.

Muningi umonakalo esiwubonayo kanye nesizwa ngawo lapho kufa khona izitshalo kanye nemfuyo. Izinkomo ikakhulu zibulawa ukungawatholi amanzi anele, kanti nezulu seliyashisa kakhulu. Imifula eminingi ebigeleza amanzi ishile, sekugcwele isihlabathi esimbiwayo ukuze kuvele amanzi. Siyezwa futhi ukuthi nabezolimo bayakhala ngokuthi isivuno sabo siyancipha.

Miningi imizamo eyenziwa iminyango ehlukene ka Hulumeni ukulwisana nokuxazulula lesimo esibucayi. Kunezinhlelo zokuyisa amanzi ngamathange ahambayo, kanye nokunika abantu amathange lawa okuthiwa ojojo ukuze babeke kuwo amanzi.

UHulumeni kazwelonke nowesifundazwe unezinhlelo zokufundisa nokuqwashisa imiphakathi eyahlukahlukene ngokubaluleka kokongiwa kwamanzi. UHulumeni usebenzisa zonke izinhlaka zokuxhumana ukusabalalisa imiyalezo ngesimo sokuntuleka kwamanzi. Sekuyinselelo kithina njengezakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuqinisekisa ukongiwa kwamanzi emakhaya ethu, ezindaweni zokusebenza, ezindaweni zomphakathi, njalonjalo. UHulumeni ufaka izigidi zemali ohlelweni lokunciphisa amanzi avuzayo kompompi kanye nezindlu zangasese emakhaya ethu nasezindaweni zomphakathi. Ngaphansi kwaloluhlelo kuzoqeqeshwa abantu abasha abangu-15 000 kusuka kulo nyaka kuya ku-2017. Kuzothathwa abantu abasha kuzwelonke, laba abanomatikuletsheni kanye nabafunde bathola u-N3 kwiMaths neScience.

Laba bantu abasha bazozitholela amakhono okuwenza lo msebenzi. Maningi amanzi alahlekayo ngokuvuza kwawo emakhaya singanakile. Uma singawonga la manzi impela nesimo sesomiso ngeke sibe nzima kakhulu. Umpompi noma indlu yangasese evuzayo ingenza silahlekelwe amalitha angamashumi amathathu amanzi ngehora.

Uma ubala lokhu kuzwelonke kuyacaca maningi amanzi amoshekayo singanakile. UMongameli wezwe uMnu Jacob Zuma wethule uhlelo lokongiwa kwamanzi ngokulungisa ompompi nezindlu zangasese emakhaya ethu ngenyanga ka September kwisifundazwe saseMpuma Koloni. Umongameli ugcizelelile ukuthi kubaluleke kangakanani ukongiwa kwamanzi ngoba iNingizimu Afrika vele iyizwe elingenawo kahle amanzi. Lesi simo besikhona ngisho isomiso esisihlasele singakaveli.

Lesi somiso kumele sisikhumbuze sonke ukuthi imifula kayigelezi unomphelo kanjalo nemvula ayihlali ina. Wonke amanzi ethu amele ukongiwa aphathwe kahle ukuze ahlale ekhona. Ngale kwamanzi ayikho impilo. “Uma ubona umpompi ovuzayo wuvale, uma ubona amanzi egeleza emgwaqeni shayela umasipala wakho. Akekho umuntu okumele amoshe amanzi; ngoba uma ephela siyozithola sisengxakini ebesingakwazi ukuyivimba,” kusho uMongameli uZuma.

Sonke ngamunye ngamunye masizimisele ngokonga amanzi. Sishintshe indlela esiwaphatha ngayo. Ngale kwamanzi ayikho impilo.
NDALA MNGADI uMqondisi kuHulumeni kwaKwaZulu-Natal

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.