Ululele isandla abafundi abahlwempu usomabhizinisi

2017-02-22 06:02
PHOTO: nokuthula khanyile Kube wumzuzu wenjabulo kubafundi abanikelelwe ngomfaniswano wesikole usomabhizinisi wakwaMpumuza, uVusimuzi Sibiya.

PHOTO: nokuthula khanyile Kube wumzuzu wenjabulo kubafundi abanikelelwe ngomfaniswano wesikole usomabhizinisi wakwaMpumuza, uVusimuzi Sibiya.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

YENZE okwehlukile injinga kasomabhizinisi wakwaMpumuza ngosuku lwezithandani njengoba inikelele abafundi abahlwempu ngomfaniswano wesikole.

UMnuz Vusimuzi Sibiya, we-Sibiya Funeral Services, usabalalise uthando ngokunikelela abafundi abangu 100 bezikole zakulendawo eziyisishiyagalombili ngomfaniswano wesikole.

Losomabhizinisi uthe wenza lokhu njengendlela yokubonga ubukhosi bakwaZondi ngokumsingatha ngesikhathi eshonelwa abazali esenza ibanga lokuqala.

“Ngonyaka ka 1978 ngazithuka sengisele ngedwa ekhaya, amathuna esegcwele insimi abazali bobabili sebeshonile. Ngathi uma ngithathwa izinduna zingisa enkosini uZondi yafike yakhuluma isibusiso phezu kwempilo yami yangitshela ukuthi ngiyoba umholi ngelinye ilanga. Ukunikelela kwami lezikole yindlela engizobonga ngayo kundabezitha ngoba nginjena nje kungenxa yesibusiso asikhuluma phezu kwempilo yami,” kusho losomabhizinisi.

USibiya uthe ngokusebenzisana nenhlangano yamatekisi i-South African National Taxi Council (Santaco) ube esesika iphethini njengoba minyaka yonke iba nohlelo lokunikelela abafundi ngomfaniswano wesikole.

“Ngathi uma ngiqala ukusebenza neSantaco ngawuthanda umsebenzi wabo wokunikelela umphakathi. Benginaso isifiso sokuthi ngenzele undabezitha okuhle kodwa ngingazi ukuthi kungaba yini. Ukunikelela abafundi abahlwempu ngibone kuyiyonandlela engingabonga ngayo kumaMpumuza ngokungisingatha kade ngisabhekene nobunzima.”

Losomabhizinisi uthembise ukuthi loluhlelo lokunikelela abafundi sekuzoba yinto azozibophezela ukuyenza minyaka yonke.

Inkosi uNsikayezwe Zondi isincomile isenzo sikaSibiya yabe isikhuthaza nabanye osomabhizinisi ukuthi nabo basilule isandla ukusiza abahlwempu.

“USibiya wenze into enhle ngokuphindisa kubantu asebenza nabo. Umphakathi wethu uhlwempu, lokhu akwenzile kuzogqugquzela ukuthi nabafundi abampofu bangazenyezi uma bephakathi kwezinye izingane. Uma izingane zifake umfaniswano odabukile, zihlekwa ezinye futhi zigcine zizenyeza sezinqena nokuya esikoleni. Ngalomnikelo uSibiya uzoqeda lokhu, kufanele sibadumise abantu abanjengaye ngokulula isandla emphakathini.”

USihlalo wo-Mgungundlovu Regional Taxi Council uMnuz Bheki Sokhela naye obehambele lomcimbi ugqugquzele ukuthi osomabhizinisi asebephumelele bangayikhohlwa imvelaphi yabo.

“Kufanele sihlale sibakhumbula labo abasenesifo sokuphumelela nabo empilweni singakhohlwa ukubalulela isandla. Nginxusa bonke osomabhizinisi ukuthi bazame ukuthuthukisa imiphakathi abavela kuyo.”

Leliphephandaba lithole ukuthi uSibiya ubesanda kunikelela isikole samabanga aphezulu e-Sweetwaters iMashaka Combined School ngama-laptop angu 45.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/South Africa

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.