Umbhali nencwadi eqwashisa intsha

2016-10-26 06:00
USamukeliso Mthembu.   PHOTO:  supplied

USamukeliso Mthembu. PHOTO: supplied

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UNESIFISO sokubona incwadi yakhe ifundwa ezikoleni umbhali waseSobantu osanda kukhipha incwadi esihloko sithi “Liph’ iwele lami?

USamukeliso Mthembu (31), uthi ngale ncwadi uhlose ukuqwashisa intsha ngezinye zezingqinamba engazithola ibhekene nazo empilweni uma ithatha izinqumo ngokuxhamazela.

“Ngokubuka izimo ezenzekayo ikakhulukazi lapho abesilisa bengawumeli umsebenzi wabo wokuba obaba. Lencwadi ngifuna itshengise intsha ukuthi akukuhle ukuba izibandakanye kwezocansi isakhula ngoba lokho kuba nemithelela emibi abangeke bakwazi ukumelana nayo.”

Lencwadi ikhuluma ngezithandani ezisencane zase Tanzania ezithola ukuthi sezizoba abazali bamaphahla. Kugcina ngothi umfana ashiye lona owesimame ozithwele naye ogcina enikele ngabantwana kosonhlalakahle ngoba engakwazi ukubhekana nomsebenzi wokubanakekela yedwa.

“Lona wesifazane unikela ngabantwana kosonhlalakahle baseNingizimu Afrika ngenxa yezimpi zezombusazwe ezweni lakubo. Abantwana bafika kuleli bahlukaniselwe imindeni emithathu bakhule bengazani kodwa bahlangane ngokuhamba kwempilo.”

UMthembu uthe incwadi othi mawuyilandelela ufunde okuningi kuyo.

“Ngiyibhale yaba isimanjemanje ukuze abantu abasha bezokwazi ukuthi noma beyifunda bahlobane nayo. Ibalula izinkundla zokuxhumana ezifana noTwitter no Facebook ukuze ingeke ibabhore uma beyifunda. Iphinde ibalule nabantu abaziwayo kanye nezindawo zalapha eMgungundlovu yize iqala ezweni laseTanzania.”

Lombhali uthe okwamanje ubesenze amakhophi amathathu kuphela ngenxa yokushodelwa imali.

“Ngizamile ukuhlanganisa imali ngenza amakhophi ambalwa ukuze uma ngiyongqongqoza eminyangweni eyahlukene babone ukuthi ngikhuluma ngani. Ngingathanda ukuthi izinhlaka zikahulumeni zingixhase ukuze ngenze amanye amakhophi nencwadi igcine ifinyelela emtapweni yolwazi kulelidolobha kanye nasezikoleni.”

Uthe ufisa lencwadi ifundwe ezikoleni ngoba yilapho abantu abasha bebhekana khona nezingqinamba. “Ngifuna iye ezikoleni ngoba yilapho abantu abasha bebaningi khona nalapho izinkinga zokukhulelwa, ama-Blesser kanye nokunye ziqala khona.Incwadi ibalula kakhulu ukubaluleka kwemfundo kanye nezingqinamba ezibhekana nabantu abasha nokuthi bangadlula kanjani kuzo.”

UMthembu uthe useke wazama ukuxhumana neminyango efanele ukuze incwadi yakhe itholakale ezikoleni kanye nasemitapweni yolwazi kodwa wehluleka.

“Akulula ukuxhumana nabantu abasezinhlakene ezifanele abangangisiza ukwenza isifiso sami sifezeke. Ngike ngazama ukuxhumana nabomnyango wezemfundo kodwa bathembisa ukuthi bayobuyela kumina kuze kube imanje akukenzeki lokho.”

Abathanda ukuba nekhophi yalencwadi yalencwadi bangayithola ngo R70 kwaMphemba Book Sellers ngokushayela u084 697 9250.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.