Umbiko ngokuqhubeka kohlelo lwe-NHI eMsunduzi

2017-03-01 06:00

UMNYANGO wezeMpilo ngaphansi kwesifunda soMgungundlovu ngoMsombuluko wethule ngokusemthethweni umbiko ngokuqhubeka kohlelo lwe-National Health Insurance (NHI) okuhloswe ngalo ukuphuculula isimo sezempilo.

I-NHI uhlelo oluyindlela entsha uhulumeni azoqoqa ngayo futhi asebenzise imali ekunakekelweni kwezimpilo, ukuze kuhlinzekwe wonke umuntu ngosizo lwezempilo kwenziwe ngcono nokunakekelwa kwezimpilo zabantu emazingeni aphansi.

Lombiko ubuyingxenye yokuqala (enye kulindeleke ithulwe namhlanje) yokusebenza kukamasipala woMsunduzi kusukela loluhlelo laqala ngonyaka ka 2012. Isifunda saseMgungundlovu singesinye sezilishumi KwaZulu Natali esaqokwa ukuthi zihlole ukusebenza kwaloluhlelo ngaphambi kokuba luqale kuzwelonke.

UMgungundlovu waqokwa ngoba unabantu abaningi futhi kunezifo eziningi ezibeka izimpilo zabantu engozini.

Kwethulwa lombiko kuvele ukuthi uMgungundlovu unabantu ababalelwa ku 1 104 914 komasipala abayisikhombisa kanti umasipala woMsunduzi iwona onengxenye enkulu yabantu ngamaphesenti angu 60.

Lombiko othuliwe ubuqhathanisa ukusebenza kwaloluhlelo lwe-NHI kunyaka ka 2015/16 nonyaka ka 2016/17. Umbiko uthi kumanje sekuqashwe abasebenzi bezempilo abagxile emphakathini abangu 917 kubona bonke omasipala kanti kumasipala waseMsunduzi kuqashwe amathimba angu 10 asebenza ezikoleni ezintulayo ezingo Q1 kuya ku Q5.

Ngokusebenzisa loluhlelo kuphinde kwengezwa abasebenzi bezempilo emawadini kanye nabasizi bosokhemisi abazoqinisekisa ukuthi abahlengikazi ezibhedlela babhekana ngqo nokusiza iziguli bona bahlinzeke iziguli ngamaphilisi.

Umbiko uveze ukuthi eMsunduzi abantu abaningi abayivakasheli imitholampilo kodwa baya kuphela uma sebegula. Ngokombiko okungenani kufanele umuntu avakashele emtholampilo kathathu ngonyaka ukuyohlolela izifo ezahlukene.

Umbiko udalule ukuthi lehle kakhulu nezinga lokuzivikelwa kwabantu uma beya ocansini nokwenza isifunda soMgungundlovu sibe ngezinye ezihamba phambili kwabasuleleke ngegciwane lesandulela ngculazi .

Izinga lokusatshalaliswa kwamajazi okuzivikela abesilisa uma beya ocansini limi ku 57% ngaphansi komasipala waseMsunduzi bese kuthi elabantu abahlolelwe igciwane lesandulela ngculazi linyukile lafinyelela ku 46.0% ngonyaka ka 2015/16 uma kuqhathaniswa nonyaka ka 2014/15 lapho lalimi khona ku 35.6%.

Umbiko uveze ukuthi kulindeleke ukuthi imitholampilo engu 51 ngaphansi kwesifunda saseMgungundlovu yonke ibe isisebenza ngokwemigomo ye-NHI. Kumanje angu 27 ame njengokohlelo lwe-NHI kanti asele kulindeleke ukuthi kushaye umhlaka 31 March nawo esehamba ngaloluhlelo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.