Umengameli ugxeke omakadebona be-ANC

2016-11-30 06:01

UMENGAMELI Jacob Zuma uchaze omakadebona baKhongolose abasabalalisa izindaba zeqembu kwabamaphephandaba njengabantu abanhlanhlatha ehlathini.

Umengameli ubekhuluma namalunga e-ANC ngaphansi kwesifunda saseMoses Mabhida eCity Hall ngoLwesihlanu olwedlule emhlanganweni owaziwa ngele Cadres Forum. Ekhuluma, uZuma uthe abanye balabomakadebona bebengasabazi eqenjini le-ANC njengoba sebevumbuka manje.

“Kunabantu abadala emzabalazweni ongasabazi owabagcina mhlampe ngo 1994 abavuke phansi bakhohlwe nokuthi izinto uma zonakele kwaKhongolose zilungiswa kanjani. Bakhuthaza into ababeyikhuza, ngokuthi izinto zilungiswa kanjani embuthweni. Basebenzisa igama lethu, sebekhohliwe ukuthi inqubomgomo kaKhongolose ithini. Banhlanhlatha le esikhotheni, bagqugquzele abantu, into engenziwa, okufanele engabe sibabeka icala. Uma befuna ukuletha umyalezo kuwena bawudlulise kubangani babo uzwe ngabo sebebiza izithangami zabezindaba,” kusho uZuma.

Uthe njengoba kubukeka sengathi iqembu libhekene nezingqinamba lokho akubathusi ngoba yinto evamise ukwenzeka uma imibutho eyalwela inkululeko uma ihlanganisa amashumi amabili eminyaka.

“Kufika isikhathi lapho khona kuba nezinselelo zokuthi kubuswa kanjani ,sekukhona nokuhlukana kwemibono. Eminye yalemibutho iyahlakazeka, eminye ishintshe indlela yokuhamba ithathe ezinye inqubomgomo kuthi abantu ababendawonye bazondane ngendlela engakaze ibonwe. Ngangithi ngeke kwenzeke lokhu kuKhongolose ngoba uvuthiwe futhi mdala. Uma kuvela lezo zinselelo zisuke zikubuza ukuthi wakhiwe ngani, wakhiwe ngodaka noma wakhiwe ngensimbi.”

Eqhuba uthe njenge ANC bayaziqhenya ngokuba umbutho okwazi ukumelana nezimo ezahlukene.

“Ngaso sonke isikhathi uma sihlangabezana nobunzima siye sizibuze ukuthi sidlula kanjani ke manje. Isikhathi siphinde safika esisibuzayo thina bantu baKhongolose ukuthi sidlula kanjani kuso kodwa ubukhuni bezikhathi abufani. Ngesinye isikhathi isitha siyacasha sime ngaphesheya, ngesinye isikhathi isitha siba phakathi kwenu.”

Ekhuluma ngalabo athe baphethe umnotho wezwe uthe yibona abenza ama-Comrades agcine ebhekene ngeziqu zamehlo.

“Bahambe becupha abanye ngonoxhaka, bakufake enkingeni ungazi. Into abayenzayo bangena phakathi kwenu banihlakaze ningaboni, uzitshele ukuthi uComrade wakho kanti isitha sakho. Bona banayo yonke into, bakuqophe ukhuluma zonke izinto bayozidlalela omunye. Kufanele uzibuze ukuthi yini ama-Comrades ayendawonye esezondana ngendlela exakile. Lokhu kungezinye zezingqinamba zokuphela kwamashumi amabili, imibutho ihlukana phakathi.

“Asizange siyibone lento engiyishoyo ngo 2007 kuphuma i-COPE sabona ukuthi bekuyiphuthana. Imibono yahluka abanye bathatha isinqumo sokuphuma umbutho wabo.

“Abantu owawuzimisele ukufa nabo esikhathini esidlule, abantu ababethanda i-ANC bethi siyofela la bahamba. Ukuhamba kwesikhathi kushintsha izinto, kuthi umuntu owawumazisisa aqhamuke esefana nenye into.”

UZuma uthe isikhathi esiningi lezinkinga ziqale ebuholeni obuphezulu azisuki oquqabeni.

“Kunabantu abaphethe amandla ezomnotho abathenga abantu engathi bathenga ibhantshi. Bamthenge ngemali angakwazi ukuyala, uthathe leyomali ngoba engafuni izingane zakhe zihlupheke ephethe amandla awanikwe abanikazi bemali.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.