Umfundisi ushise izelamani

2016-11-02 06:02
PHOTO: nokuthula khanyile UDeborah Ngcobo oshe ubuso

PHOTO: nokuthula khanyile UDeborah Ngcobo oshe ubuso

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USINDE ngokulambisa owesifazane wasePhayiphini kwaMpumuza oshiswe umfundisi ethi wenza isiwasho esiphilisayo ngeSonto eledlule.

UDebra Ngcobo (22) obhandishe ubuso bonke ongakwazi ngisho ukuzikhulumela kuthiwa ubehambele ibandla iNew Christian Church in Zion ngesikhathi ehlelwa ilomshophi.

Ngokusho kukamama wakhe uNonhlanhla Gcwensa, lesigameko senzeke ngeSonto ngezithuba zawo 6 ekuseni.

“Babesenkonzweni yasekuseni kwase kuthi ubaba walapho okwakukhonzelwa khona wakhala ngekhanda. Umfundisi obevakashile wakwaDambuza wathi yena angakwazi ukumelapha kodwa uzodinga upharafini, ushibhoshi, i-spirit kanye nophethiloli ukuze enze isiwasho.”

Uthi lomfundisi wabe esethatha zonke lezinto wazifaka ebhakedeni elingu 20litre wacela amalunga ebandla ukuthi ashaye isoso kuphume imali engango R50 ukuze ezokwenza lesimanga sokuphilisa loyo obegula.

“Waxuba yonke into wahlanganisa namanzi maqede wakumumatha emlomeni, wabe esecela ikhandlela elibomvu walilayitha. Waqala wakhafula ebhekise ngasebandleni nokuyilapho kwadaleka khona umlilo kwasha umntanami emuva kwalokho kwahlekwa ebandleni.”

Uthe uDebra owayesevutha amalangabi wasizwa udadewabo uRuth Ngcobo owazama ukucisha umlilo ngezingubo ayezigqokile wabe esephuthunyiswa esibhedlela e-Edendale. URuth naye wahangulwa yilangabi emlenzeni.

“Okungiphatha kabi kakhulu ukuthi akekho owasenkonzweni oweza kumina ezongitshela ukuthi ingane yami ilimale kanjani, nomfundisi loyo ngezwa ukuthi waphuma ngesamagundane wabaleka emuva kwalesigameko.Kunalokhu bafike ngoshova lapha kwami sebezongitshela ukuthi bekungafanele ngimubophe umfundisi oshise ingane ngoba bekungeyona inhloso.”

UNkk Ngcobo uthe akufunayo ukuthi umfundisi akhokhe ukuze indodakazi yakhe ithole ukwelashwa.

“Ngifuna akhokhele umntanami ubuso bakhe bubuyele esimweni.

Akasalali nasebusuku uyafa izinhlungu ithina esibhekene nalobunzima umfundisi akasekho ukuzobhekana nomonakalo awenzile.

Umfundisi onjani owelapha abantu ngokusebenzisa uphethiloli bese ebathungela ngomlilo. Mina kade ngaqala ukukholwa kodwa angikaze ngihlangane nomfundisi osebenzisa lendlela ukwelapha.”

Uthe indodakazi yakhe ebiyenza uGrade 11 esikoleni samabanga aphezulu iPhayiphini High ngeke isakwazi nokubhala izivivinyo zayo zokuphela konyaka.

“Sekumosheke izinto eziningi ngenxa yokulimala kwakhe. Kufanele abuyele esibhedlela emuva kwamasonto amabili beyobheka ukuthi akukho yini abangamenzela kona njengoba elimele kangaka.”

Uthe ngisho indodana kaDebra eneminyaka emihlanu iphazamisekile yilesigameko.

“Ingane yakhe ilokhu ibuza ukuthi unina unani njengoba ebhandishe ubuso bonke, ithukile ngendlela emubona eyiyo.”

Khona manjalo USbongiseni Shelembe (42) uvele kafushane enkantolo kamantshi eMgungundlovu ngoMsombuluko owedlule kodwa icala lakhe labuye lahoxishwa.

UShelembe ubebhekene necala lokuzama ukubulala kanti ngokusho kokhulumela amaphoyisa asePlessislaer uKapteni Musa Ntombela ngenxa yokushoda kobufazi inkantolo inqume ukulihoxisa icala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.