Umlilo ushiye umndeni ungenalutho

2017-07-19 06:02
Isithombe:SithunyelweAmalungu omndeni uSizakele Ngcobo, uNokulunga Mkhize kanye nNokuthula Zondi abathe basale bengenalutho emva kokuthi umlilo ushise indlu abalala kuyona ngeSonto ntambama.

Isithombe:SithunyelweAmalungu omndeni uSizakele Ngcobo, uNokulunga Mkhize kanye nNokuthula Zondi abathe basale bengenalutho emva kokuthi umlilo ushise indlu abalala kuyona ngeSonto ntambama.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNDENI waKwaNgcobo endaweni yakwaMachibisa ukhihla esikaNandi ngemuva kokuba indlu abebelala kuyo ishe yadilika ngeSonto ntambama.

Ilungu lo mndeni uSizakele Ngcobo uthe lesigameko senzeke ngeSonto ngabo 4pm kanti umndeni uvele wabona ngelangabi elishise yonke impahla ebiphakathi endlini.

“Nhlahla leyo bekungekho muntu Phakathi,” kusho uNgcobo obenelinye ilungu lo mndeni, uNokulunga Mkhize, elanezele ngokuthi: “Kodwa besiqeda ukukhipha ingane kuyona lendlu,” ngenkathi betshela leliphephandaba ngokwehlakale ngeSonto.

Bathe basafihle amakhanda kwamakhelwane kuze kuba bathola enye indawo abazohlala kuyo.

“Sasizwa umphakathi wonke wala kwaMachibisa ukuze sizokwazi ukucisha umlilo, wasisiza impela futhi,” kusho uNgcobo.

Uthe ithimba lakwamasipala elibhekana nezinhlekelele lize lafika emva kwehora nemizuzu engamashumi amathathu.

“Kushe yonke impahla ebiphakathi endlini, akukho lutho esalile, sisele nezinto esasizigqokile ngalelo langa kuphela,” kusho uNgcobo.

Umakhelwane la lo mndeni osafihle khona ikhanda, u-Andile Mbanjwa uthe kukhona amalungu omphakathi ayenza sengathi alekelela lo mndeni ngokucisha umlilo nokukhipha izimpahla kodwa ayeze ngenhloso yokuzontshontsha.

UNgcobo uthe maningi amalungu alo mndeni okubalwa kubona izingane ezincane ezinye zazo ebezilele kwelinye igumbi ngesikhathi kuqubuka ilangabi kodwa uthe bakwazile ukuzi khiphela ngaphandle.Uthe eyodwa yezingane enesifuba somoya ixhilwe intuthu okugcine kumphoqa ukuthi athenge ubisi ukuze izolulama.

Uqhube wathi ngoLwesibili lo mndeni uhlangane nekhansela lendawo, uXolani Ngongoma othinte abakwamasipala ababhekana nezinhlekelele abathembise ukuthi kungekudala kukhona uxhaso oluzolethelwa umndeni.

UXolani Ngongoma ukuqinisekisile ukuthi uxhumene nomnyango wakwamasipala obhekene nezinhlekelele emva kokuhlangana nalo mndeni. Uthe unikele ngemali yakhe kumama walo mndeni ukuze ezokwazi ukwenzela izingane izitifiketi zokuzalwa njengoba nazo zishe imlilweni futhi aphinde athole okuya ngasethunjini.

Ikhansela liphinde lathi lithole umbiko othi lo mndeni awulwamukelanga usizo obelulethwe umnyango obhekele izinhlekelele. UNgcobo ukuqinisekisile lokhu wathi isizathu salokhu yingoba uxhaso obelulethiwe belunganele amalungu omndeni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/News
 

Weird things dogs do

Caught your dog doing something... well a little bit odd? Don’t worry, there’s a simple explanation for his behaviour.

 
 

Paws

Makeover saves dog’s life
For the love of Corgis!
Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.