Umndeni uyabonga

2017-09-13 06:02

UMNDENI wakwaNgcobo ePlessislaer, uJoel noJabulile, bayabonga ngenkonzo yomngcwabo wendodana yabo uSandile.

Mndeni wami wonke, MaFunze, maShabeni, siyabonga kakhulu ukusengamela kwenu nonke.

USandile ushone sesinethemba lokuthi useyalulama emva kokulimala nabafowabo bona abadlula ngosuku lwesigameko oNgcebo noZwelihle mhlaka 30 Okthoba 2016. Yena uSandile suhone mhlaka 22 Julayi 2017.

Ngibonga umndeni wakwaMbhele eMpendle lapho ekade esecele khona umakoti ongunina wezingane zakhe uBuhle, umfana, noNokwethemba, intombazane.

Ngiyabonga mlingane ukusiphathela konke ngokwesifiso senu nakhombisa ukuthi umfana wami benimthanda ngeqiniso ikakhulu kazi unina wabantwana (abazukulu bami) ngimfisela ikusasa elihle endleleni yakhe entsha akade engayikhethanga, ngiyomazisa njalo, ubethembekile kithina abazali bomfana.

Ngibonga nabasekhweni lami kwaMthalane ngibonge nomnakwethu uGwala esibambisene naye kanye nomndeni wakhe. Ngibonge nomndeni wakwaMbeje.

Ngibonga omakhelwane bami eSlovo bonke ngakho konke abasenzela khona. Abakhongi bami, S’khumkane, Vilakazi, oMnelisi, Makhanya, umsebenzi wenu ubuza kahle lawona isela elingukufa.

Kwabase Hulamini lapho bekusebenza khona uSandile ngibonga angiphezi ngeminikelo yenu.

Kwabase F.E.T. Central lapho kusebenza khona uSlindokuhle ngiyabonga kakhulu. Ngibonge noHlalo Meats ngomnikelo asipha wona.

Mfundisi wami uGumede nabazalwane bonke ngokwamahlelo ngiyanibonga. Nawe mama uFisakuphi Madlala ngiyabonga amazwi enduduzo enasishiya nawo.

Okungiphethe kabi wukuthi umbulali usagcwele amathafa uzishaya isifuba.

Selokhu kusukela kuNovemba 2016 kuze kube manje ku-Agasti 2017 alikho iphoyisa elake lafika kimi ngiseduze kabi nesiteshi samaphoyisa asePlessislaer lokho kungiphethe kabi kanti ngokwazi kwami banayo imininingwane yombulali sabanika akekho nje nokafike ezongikhojlisa okungcono. Angazi noma kukhona yini okuwhubekayo noma akukho.

OBHALILE UMNU
JOEL NGCOBO

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.