Umphakathi ubhikishe ukhala ngogesi obuphelile

2017-07-05 06:00
Isithombe:Makhosandile zuluUmphakathi wase Sweetwaters uvale umgwaqo ngamathaya avuthayo ngenkathi ubhikisha ngeledlule ukhala ngogesi othe uyahlupha njengoba ujwayele ukuphela.

Isithombe:Makhosandile zuluUmphakathi wase Sweetwaters uvale umgwaqo ngamathaya avuthayo ngenkathi ubhikisha ngeledlule ukhala ngogesi othe uyahlupha njengoba ujwayele ukuphela.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUBHIKISHE umphakathi wase Sweetwaters ngoLwesine oledlu ngemuva kokuphela kukagesi ngoLwesithathu, ngomhlaka 21 ku-Juni, ntambama.

Umphakathi ubhikishe wavala umgwaqo ngezihlahla kanye namathaya avuthayo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Lieutenant Colonel Thulani Zwane uthe: “NgoLwesine ngo-5 ekuseni iqembu lamalungu omphakathi angu 500 livale umgwaqo omkhulu owase Sweetwaters ngamathaya avuthayo nangemfucuza. Amaphoyisa awatholanga mibiko ngabantu abalimale ngenkathi kubhikishwa noma ngempahla elinyazwe ababhikishi. Njengamaphoyisa sifisa ukunxusa imiphakathi yethu ukuthi uma ibhikisha ibhikishe ngendlela enokuthula. Siyabanxusa ukuthi bengabi nalo udlame futhi begweme ukucekela phansi impahla ngoba amaphoyisa azoqikelela ukuthi abaphula umthetho bayaboshwa,” kusho yena.

UThulani Dlamini, oyilungu lomphakathi wase Sweetwaters naye obeyingxenye yabantu abekade bebhikisha, uthe umphakathi ubufuna ukuthi ikhansela lendawo, uJabu Ngubo, lizifikele mathupha emphakathini ukuze lizowuchazela ngokuphela kukagesi. Uqhube wathi umphakathi ubungakhali ngogesi kuphela njengoba kukhona nezinye izidingongqangi ofisa zilethwe endaweni yase Sweetwaters. “Sifuna ugesi, amanzi, umgwaqo, izindlu zomxhaso kanye nezindlu zangasese,” kusho uDlamini.

Elinye ilungu lomphakathi, uClifford Nani uthe:“Ugesi wakule ndawo usuhluphe isikhathi eside, uhlupha kakhulu ngesikhathi sasebusika,uyahamba ubuye, uma kubuye ugesi kuhamba amanzi, ngesinye isikhathi kubuye kuhambe konke,” kusho yena. Uthe emasontweni adlule ugesi ukewaphela izinsuku ezine endaweni yase Sweetwaters.

Ezinye izindawo ebeziphelelwe ugesi ngeledlule ise-Hilton, eMbali kanye nezinye ezisenkabeni yedolobha.

Okhulumela umasipala, uThobeka Mafumbatha uthe kusolakala ukuthi ukuphazamiseka nokuphela kukagesi kwenziwe ngabantu abekade befuna ukucekela phansi umasipala.

Uthe kukhona imikhondo elandelwa abaseshi mayelana nalolu daba kanti kulindeleke ukuthi abasolwa bazoboshwa maduzane. Uthe umonakalo owenzeke ezintambeni zikagesi kanye nezinye izingqalasizinda zomphakathi mukhulu kodwa umasipala usebenza ubusuku nemini ukuqinisekisa ukuthi konke kulungiswa ngendlela efanelekile njengoba ugesi usukhona ezindaweni eziningi ebezithintekile.
“Umasipala uqashe onogada abazimele ukuthi beqaphe ezindaweni la esesilungise khona ukuze kungabi khona noyedwa umuntu ophazamisa lokhu esesikulungisile,” kusho uMafumbatha. Uthe inkinga yokuphela kukagesi namanzi kwambulele umasipala ukuthi kuningi okumele ukwenze ukuqinisekisa ukuthi umnyango wezokuxhumana kwamasipala usezingeni elifanelekile.

“Ukuze sizolungisa lezinkinga sizovuselela isikhungo sethu sezincingo ukuqinisekisa ukuthi ngenkathi ezayo sizokwazi ukumelana nesimo esifana nalesi futhi sikwazi ukudlulisela imininingwane eqondile emiphakathini yethu,” kusho yena.

Uqhube ngokunxusa amalungu omphakathi angaba nolwazi ngabasolelwa ukucekela phansi ingqalasizinda kagesi ukuba bexhumane nabomthetho.

“Sifisa ukuxolisa kubahlali baseMsunduzi futhi sifisa nokubazisa ukuthi sizohambela imiphakathi eyahlukahlukene ukuze sizohlola izindawo ekuzona. Sifisa abahlali bethu bebenakho ukuqonda ukuthi ukuphazamiseka kukagesi kuyinto eyenzekayo kwesinye isikhathi kodwa sizozama ukulungisa ukuthi ezikhathini ezinjalo ugesi ulungiswe ngokushesha. Abasebenzi bethu benza uphenyo ukuze bezothola ezinye izindlela zokuthenga ugesi,” kusho yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/News
 

What age should puppies stop chewing shoes?

Chewing is perfectly natural behaviour in puppies and even adult dogs, but dog owners can solve the problem with calm, and these straightforward tips.

 
 

Paws

French Bulldog helps kids with facial differences
Weird things dogs do
Makeover saves dog’s life
For the love of Corgis!
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.