Umphakathi ufuna kulungiswe umgwaqo

2017-09-27 06:00
PHOTO:SithunyelweIkhensela laseWard 2, uMnu. Blessing Mtshali uthe kuzolungiswa imigwaqo efika ku-3km uma isihlanganiswe.

PHOTO:SithunyelweIkhensela laseWard 2, uMnu. Blessing Mtshali uthe kuzolungiswa imigwaqo efika ku-3km uma isihlanganiswe.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI wakaZayeka, Ward 2, eSweetwaters, uthi umgwaqo uSikhakhane usesimeni esingesihle njengoba ugcwele ama-potholes aphoqa abashayeli bezimoto ukuthi beshayele ngendlela egcine ibeka izimpilo zabantu kanye nezingane ezihambela eceleni kwalomgwaqo engcupheni.

Oyilungu lomphakathi wakulendawo, uMnu. Ntokozo Mtsikithi uthe: “Abashayeli bezimoto basuke begwema ama-potholes ukuze izimoto zabo zingeke zilimale kodwa ngenkathi benza lokho kubeka izimpilo zabantu abahambela eceleni komgwaqo engcupheni ngoba bengashayiseka,” kusho yena.

Uthe ngonyaka odlule kukhona omunye umuntu omusha wasendaweni owashayiswa yimoto eyayizama ukugwema ama-potholes kuwona lomgwaqo yagcina isihambele eceleni komgwaqo lapho okumele kuhambe khona abantu.

Uqhube wathi ngokwazi kwakhe ngokwezinhlelo zomkhandlu ongaphambi kwalo okhona manje bekumele lomgwaqo ulungiswe ngokufanelekile futhi ufakwe itiyela kodwa namanje akukaze kwenzeke lutho.

“Kusukela phezulu uzuyofika ezansi lomgwaqo usesimeni esisabekayo,” kusho uMnu. Mtsikithi.

Elinye ilungu lomphakathi elicele ukuthi igama lakhe lingadalulwa lithe enye into eyenza ukuthi lomgwaqo ubesesimeni okusona kungenxa yokuthi mdala kanti futhi umgwaqo omkhulu endaweni omatasa.

Lelilungu liqhube ngokuthi kuyenzeka kufakwe inkwali ukuze kuzovalwa ama-potholes kodwa uma kunetha imvula inkwali iyaguguleka ngoba umgwaqo uyehlela.

“Enye into ebuye ibe yinkinga uma kunetha imvula ukuthi njengoba ingekho indawo yokugelezela amanzi eceleni komgwaqo yonke inkwali esuke ifakelwe ukuvala ama-potholes igcine igugulekele emagcekeni emizini yabantu,” kusho lelilungu lomphakathi.

Lithe umphakathi uyadinga ukuthi lomgwaqo ukhonkwe futhi ufakwe ama-speed humps ukuze izimoto ezisebenzisa lomgwaqo zingeke zihambe ngesivinini esiphezulu.

Uqhube wathi ngenxa yokungabibikho kwama-speed humps umphakathi ugcina uphoqeleke ukuba uzenzele i-speed hump kodwa sesikhashana ngoba sisuke singenziwanga ngendlela efanelekile.

“Mina nje ngikhumbula izingozi ezimbili esezenzeke kulomgwaqo. Kweyodwa yalezingozi kwalimala umfundi wesikole ngonyaka odlule osahamba odokotela nezibhedla kumanje ngenxa yengozi abakuyona kuwona lomgwaqo,” kusho lelilungu lomphakathi.

Ikhansela lendawo, uMnu. Blessing Mtshali uthe emasontweni amabili adlule kubanjwe umhlangano womphakathi ehholo lapho okwethulwe khona izinhlelo zokuhlinzekwa kwezidingongqangi emphakathini.

Ezinye zalezizinhlelo zibandakanya ukwakhiwa nokulungiswa kwemigwaqo kulendawo.

“Miningi imigwaqo enezinkinga, ezinye izindawo azinayo imigwaqo kodwa namhlanje [ngoMsombuluko ngomhlaka 18 kuSepthemba] sithumele usonkontileka ukuthi eyohlonza izindawo ezidinga ukuthi zifakelwe futhi zilungiselwe imgwaqo ngokuphuthumayo,” kusho uMnu. Mtshali.

Uthe kwezinye izindawo khona kaZayeka amalungu omphakathi aphoqeleka ukuba axove udaka uma kunetha imvula ngoba umgwaqo ungekho kulezo zindawo.

“Sifike sabheka isabelomali esikhona sasesibona ukuthi kuzomele kuhlonzwe imigwaqo ephakathi kweyisithupha noma eyisikhombisa ezolungiswa, yonke isihlangene yenza u-3km,” kusho ikhansela.

Uqhube wathi into ezobekwa phambili ukuthi yiziphi izindawo noma yimiphi imigwaqo edingeka ukuthi ilungiswe ngokuphuthumayo.

“Nawo uSikhakhane sizowulungisa,” kusho uMnu. Mtshali.

Uphethe ngokugqugquzela amalungu omphakathi ukuba ahambele imihlangano yomphakathi ukuze bezothola ithuba lokukhuluma ngezikhalo abanazo ezinkundleni ezifanelekile noma bexhumane naye njengomholi womphakathi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.