Umqeqeshi omusha uyazi uMzansi ufunani

2016-10-26 06:00

UMQEQESHI omusha noma osabambile kwi-Banyana Banyana uDesiree Ellis uthi kulukhuni ukufeza izidingo zesizwe kodwa yena uzimisele.

Lentokazi eyayingalibheki ipali ngezikhathi zayo eqenjini lesizwe losisi abadala ithi uMzansi mkhulu kakhulu kanti futhi ibhola liyathandwa yisizwe sonke futhi kuke kube lukhuni ukuthokozisa wonke umuntu kodwa yena uthi wazi kahle into edingwa yilelizwe.

Uthi mhlawumbe uma ethi uzozama angeke kuzwakale kahle kungcono athi uzokwenza okulindekele kuyena noma-ke uzokwenza okufunwa uMzansi.

“Angeke ngiqambe amanga ngithi ukuqeqesha iqembu lesizwe elifana neBanyana Banyana kulula. Kuzoba nzima kodwa into engisizayo ukuthi nami ngayidlalela iBanyana Banyana isikhathi eside ngaze ngaba uKaputeni. Nginenhlanhla ngoba ngiyazazi izinto ezifunekayo ukuze usondelane nempumelelo, futhi ngingokowokuzalwa eMzansi, ngiyazi ukuthi lelizwe lidingani. Mina ngingasho nje ukuthi ngizozama ngayo yonke indlela ukwenza okufunwa abantu baseMzansi ngoba abadlali bethu ngibazi njengoba ngizazi,”kusho uEllis.

Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule uEllis uqagule abadlali abazodlala umdlalo wobungani namaGibhithe (Egypt) ngomhlaka 22 kuMfumfu njengamalungiselo e-Women Africa Cup of Nations Championships eyobe iseCameroon kusukela ngo 19 kuLwezi kuya kumhlaka 3 kuZibandlela.

Phela u-Ellis uthathe lesikhundla sokuqeqesha iBanyana Banyana emva kokushiya kuka Vera Pauw kungalindele muntu. Lomqeqeshi uzosizwa uMaude Khumalo kanti uSheryl Botes uzobasiza njengosomaqhinga.

I-Women Africa Cup of Nations izodlalelwa eCameroon enhlokodolobha yakhona e-Yaounde nase Limbe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/Sport
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.