Umsebenzi obukeleka phansi usumbeke phezulu

2017-07-19 06:02
Isithombe: SithunyelweUSakhile Lombo uthe ubonga ukubekezelela umsebenzi obukeleka phansi ngoba ngawo wakwazi ukubeka imali yokuyobhalisela ukufunda njengoba eseneziqu zakhe namhlanje.

Isithombe: SithunyelweUSakhile Lombo uthe ubonga ukubekezelela umsebenzi obukeleka phansi ngoba ngawo wakwazi ukubeka imali yokuyobhalisela ukufunda njengoba eseneziqu zakhe namhlanje.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMQONDISI weNsini Comedy Drama, i-DVD yomdlalo wamahlaya eyakhishwa eminyakeni eyedlule, uthe kwamsiza kakhulu ukubekezelela umsebenzi obukeleka phansi ngoba ngenxa yawo wakwazi ukubeka imali yokubhalisa e-UNISA njengoba namhlanje eseneziqu zakhe.

“Ngifuna ukugqugquzela abantu abasebenza imisebenzi ebukeleka phansi. Ngithanda ukuba khuthaza bonke abantu abenza imisebenzi ebukeka idelelekile ukuthi basangakwenza kwenzeka njengoba nami ngakwazi ukubeka isenti phezu kwelinye kwagcina sekushintshe impilo yami,” kusho uMqondisi weNsini Comedy Drama uSakhile Lombo, oneminyaka engu-26.

Uthe emva kokuqeda ibanga likamatikuletsheni eCandabuthule High School eNtembisweni ngowezi 2008 waqoma ukuyozama amatoho eGreytown nalapho afike wasebenza esitolo thizeni lapho ayeqhuba khona izinqola ezilayishe ukudla kwabantu eyobabeka ema rank ngenhloso yokuqongelela imali yokuthi aqhubeke nemfundo yakhe njengoba kwakuyisifiso sakhe ukuthi abe neziqu thizeni empilweni.

“Kwangisiza kakhulu ukubekezelela ekuqhubeni izinqola nakuba kwakungumsebenzi obukeleka phansi kodwa ngakwazi ukuwubekezelela kwaze kwahlangana imali yokuthi ngiyobhalisa e-UNISA,” kusho yena.

Kulonyaka uLombo wethweswe iziqu ze-National Diploma kwi-Public Relations Management e-Unisa kanti ngempelasonto wenze idili lomcimbi lokubonga iziqu zakhe.

UKapteni Musa Ntombela ongusomlomo wamaphoyisa ase Plessislaer ubeyisikhulumi sosuku kulo mcimbi kanti Izwi LeNkosi lethulwe nguMnu. Elias Mthimkhulu weBandla Lika Kristu.

“Njengamanje ngiwumxhumanisi wenkampani ezimele eyaziwa ngokuthi yi-Happy Nation Productions egxile ekushutheni yonke inhlobo yemicimbi nomculo kanye nemidlalo yeshashalazi, ngiphinde ngibe umhleli wemicimbi yabanamakhono kwezomculo nakwezokulingisa ezindaweni ezahlukahlukene bese ngiba wumlingisi wemidlalo eyahlukahlukene ekubalwa kuyo Insini Comedy Drama, uSizi Lwezwe kanye neminye esazophuma kulonyaka,” ephetha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/World
 

For the love of Corgis!

WATCH: 35 Corgi's to make your day! If they’re good enough for the Queen of England they’re good enough for us.

 
 

Paws

Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Buying a puppy? Don’t get scammed!
WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.