UMthembu useyilungele iComrades

2017-06-07 06:01
Umsubathi wakuleli uBongmusa MthembuPHOTO: supplied

Umsubathi wakuleli uBongmusa MthembuPHOTO: supplied

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Umsubathi wakuleli odle umhlanganiso kwi-Comrades Marathon ngo-2014 uBongmusa Mthembu uthe ukholelwa ekutheni umsubathi wakuleli ozophuma phambili kulo mjaho kuwo lonyaka.

Yize anqoba umjaho we-Comrades Marathon ngo-2014 nokwamenza wahlonipheka njengo msubathi, kodwa uMthembu uzoya emjahweni kowesi-92 we-Comrades Marathon kukhona okukhulu ekusamele akwenze.

Engxoxweni ekhethekile ne-Maritzburg Echo uMthembu uthe amalungiselelo akhe alomjaho ahamba kahle kakhulu.

“Amalungiselelo ahamba kahle. Ngahamba ngaya kuma-World Campionships lapho ngafike ngathola khona isiliva kanti nakwi-Two Oceans ngenze kahle kakhulu ngangena kwabokuqala abayi-6.

Ngizikale kahle kwi-Two Oceans ngoba iyasiza ekutheni ngazi ukuthi ikuphi ekufanele ngengeze kukho ukuze ngenze kahle kwi-Comrades. Siyazi ukuthi kwi-Comrades ijubane osuke uhamba ngalo kwi-Two Oceans alibalulekile kepha kufuneka uzethemba.”

Lo msubathi waseBulwer oneminyaka engama-35 ubudala uvumile ukuthi umjaho we-Comrades owumqansi obheke eMgungundlovu ujwayele ukuba nzima.

“Izinhlelo nginazo kodwa okwamanje okubalulekile ukuthi uma sijima umqeqeshi abone ukuthi sizogijima kanjani. Nginethemba lokuthi ngizogijima kahle ngilandele namasu omqeqeshi sibone ukuthi azosibekaphi.”

UMthembu uthe akulula ukusho ukuthi ubani oyimfivilithi kulo nyaka kulomjaho ozobe ubhekwe ngamehlo abomvu.

“Akulula ukusho ukuthi ubani ongawina ngoba nami baningi abazobe bebhekile ukuthi ngizogijima kanjani yingakho kungabalulekile ukuthi ngibheke ukuthi obani abakhona. Ngeke usho ukuthi lomuntu ogijime kahle ngonyaka ophelile uyena ozophinde agijime kahle futhi. Okubalulekile ukuthi ngibhekane namasu okuthi ngigijime kahle.”

Eqhuba uMthembu uthe akangabazi ukuthi i-Comrades izowinwa umuntu walapha eNingizimu Afrika.

“Angeke kube umuntu wase Lesotho, Zimbambwe noma abangaphesheya kwezilwandle kodwa kuzoba umuntu wakhona lapha ekhaya. Abasubathi bethu basezingeni eliphezulu njengoba sibonile beyithatha naseminyakeni edlule.”

Ngonyaka ka-2014 uMthembu wanqoba lomjaho ngesikhathi esingu 5:28:36 kanti kwamthatha iminyaka emihlanu kuya kweyi-6 ukuthi agcine ewunqobile. Ngonyaka ka-2012 wayekade elale indawo yesibili ehlulwa uLudwick Mamabolo.

Umjaho we-Comrades Marathon ngonyaka owedlule unqotshwe uDavid Gatebe. Kulo nyaka bangu-19 529 abasubathi baseNingizimu Afrika abangenele kanti lo mjaho ozoqala ngo 5:30 ekuseni uphele emuva kwamahora ayi-12 eScottsville Race Course kanti uzoba yibanga lingama-88
km.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/World
 

8 great natural remedies for your pet

Tips and tricks to cure your pet’s itches and coughs, naturally.

 
 

Paws

Buying a puppy? Don’t get scammed!
WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
11 animals before and after they were adopted from shelters
Competition pet grooming – creative or too extreme?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.