Umunyu kukhunjulwa amaphoyisa

2016-11-23 06:00
PHOTO: nokuthula khanyile UBrigadier Mandla Gwala

PHOTO: nokuthula khanyile UBrigadier Mandla Gwala

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BEKUHELEZA umoya ogcwele umunyu eCity Hall ngoLwesithathu olwedlule ngesikhathi kubanjwe inkonzo yesikhumbuzo ka-Constable Phumzile Mdunge kanye no Warrant Officer Mlungisi Khumalo (52).

Esigamekweni esenzeka mhlaka 3 kuNovemba uWarrant Officer Khumalo wadubula wabulala uConstable Mdunge kanye nomfowabo omncane uSnenkosi Molefe eMbali eBB. Kulesigameko kubikwa ukuthi kwaphinde kwadubuleka nengane encane eyaphuthunyiswa esibhedlela.

Ngosuku olulandelayo uKhumalo watholakala esezidubulile emotweni yakhe emuva kokujahwa amaphoyisa ngaku N3 esanda kudlula eMarianhill Tall Plaza.

UMdunge noKhumalo bebesebenza ngaphansi kwesiteshi samaphoyisa ku-Loop Street kanti kuvele ukuthi bese bethembisene umshado.

Okhulumele umndeni wakwaKhumalo ongazange azisho igama unxuse ubumbano ngalesikhathi esinzima esibhekene nalemindeni.

“Nathi sisadidekile njengomndeni ukuthi ngabe yini eholele ekutheni ubhuti agcine ethathe lesinqumo. Ubeyindoda ekhaliphile futhi engenalo udlame, ngikholelwa ekutheni kukhona idimoni elimhlasele ngesikhathi enengoduso yakhe kwagcina ngokuthi kwenzeke lesigameko. Thina sisawuthanda umndeni wakwaMdunge futhi kuyohlala kusekhweni lethu. Nathi njengomndeni sididekile asazi ukuthi bekwenzenjani ibona kuphela abanezimpendulo ngokwenzekile.”

Lelilunga lomndeni wakwaKhumalo lithe umfowabo walifonela emuva kwesigameko.

“Wangifonela umfowethu engitshela ukuthi usenzeni, angizange ngikholwe ngabe sengishayela ucingo lukamakoti olwabanjwa omunye wesifazane owaqinisekisa ukuthi ngempela isigameko senzekile. Ngathi uma sengizama ukumfonela futhi umfowethu ucingo lwakhe lwase lukhala lungasabanjwa.”

Ekhuluma nemindeni uBrigadier Mandla Gwala uthe lesigameko sibashaqise kakhulu njengezikhulu zamaphoyisa ngaphansi koMgungundlovu South Cluster.

“Sifuna imindeni yazi ukuthi ayilahlekelwanga yodwa kodwa nathi silahlelwe.Kuyaqala ukuthi senze inkonzo yesikhumbuzo yabantu abangaka. Konke sikubeke ezandleni zomdali, sikholelwa ekutheni akukho okwenzeka ngaphandle kwesizathu. Sicela nithathe umkhonto la kuwe khona lamaphoyisa niqhubeke kube yinselelo kunina ukusebenzela umphakathi njengokwezifungo zenu.”

Umalume kaMdunge uMnuz Thabo Molefe uthe njengomndeni baphatheke kabi.

“Umshana ubewumuntu othanda umndeni wakhe kanye nomsebenzi wakhe. Ngisho engazizwa kahle ubevuka aye emsebenzini. Sibuhlungu ngokuhamba kwakhe kodwa kumnandi ukuzwa ukuthi ubeyiphoyisa elizinikele kangakanani njengoba ozakwabo sebeshilo,” kusho uMolefe.

Abashonile bobathathu bafihlwe ngempelasonto.

“Nathi sisadidekile njengomndeni ukuthi ngabe yini eholele ekutheni ubhuti agcine ethathe lesinqumo. Ubeyindoda ekhaliphile futhi engenalo udlame, ngikholelwa ekutheni kukhona idimoni elimhlasele”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.