Ungenele intombi kubo endlini wayibhokoda ngommese

2017-03-29 06:03
PHOTO:suppliedUNombuso Madondo ogwazwe wabulawa uyise wezingane zakhe ezimbili ngempelasonto.

PHOTO:suppliedUNombuso Madondo ogwazwe wabulawa uyise wezingane zakhe ezimbili ngempelasonto.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUBATSHAZWA isihluku sowesilisa waseMbali e-14 ongenele intombi yakhe kubo ngoMgqibelo ekuseni wayibhokoda ngommese yashona.

Uthi ufe olwembiza umndeni kaNombuso Madondo (26), oshone emuva kokugwazwa uyise wezingane zakhe ezimbili.

Umsolwa uThamsanqa Duncan Mahlaba (27), uvele kafushane enkantolo kamantshi eMgungundlovu ngoMsombuluko ebhekene necala lokubulala. Icala lakhe lihlehliselwe umhlaka 28 kuMashi ukuze afake isicelo sebheyili.

Ngokusho kukanina kamufi uNkk Ntombintombi Madondo uthe indodakazi yakhe ihlaselwe esemsebenzini.

“UNombuso ngimgcine ngawo uMgqibelo ekuseni ngaphambi kokuba ngihambe ngiye emsebenzini kade ngimcela ukuthi asale anginekele izingubo ebengiziwashile. Ngathi uma ngiphuma ngashiya isivalo sasekhishini ngisivulile ngoba vele kwase kusile.”

UNkk Madondo uthi ngesikhathi emi emgaqweni elinde imoto yasemsebenzini emlandayo wahlangana nesixongololo sabafana ababephuma ethaveni esendaweni wanganaka.

“Ngicabanga ukuthi umsolwa wayekulabo bafana wangibona uma ngingena emotweni yasemsebenzini ngihamba wabe esethola ushansi wokungena endlini ahlasele uNombuso. Ngangineme kakhulu ngoMgqibelo nami ngingazi ukuthi nginamiswe yini kanti angazi ukuthi ngizophoxeka.”

Uthi esebhizi nomsebenzi kwangena izimenenja zakhe ezimbili zizombikela ukuthi indodakazi yakhe isishonile.

“Angizange ngikholwe, ngabatshela ukuthi kungenzeka badidekile ngoba ngazi ukuthi eyami ingane ngiyishiye ilele embhedeni ingenalutho. Engqondweni yami kwakungafiki ukuthi ngempela umntanami akasekho.”

Uthi waqala ukukholwa ngoba esefika kwakhe ebona kugcwele amalunga omphakathi kanye namaphoyisa egcekeni.

“Ngathi uma ngingena ekhishini ngambona umntanami elele phansi esethule emaniphiniphi amanxeba okugwazwa ebusweni kugcwele negazi yonke indawo. Ebusweni wayengasabonakali, indlela ayegcwele ngayo igazi. Nezinwele zakhe ngaphambili zazisukile kubonakala ukuthi ubemhluntula. Ekameleni alala kulo umcamelo wakhe wawumanzi te igazi kushuthi lomfana waqala ukumgwaza khona embhedeni waze wayomqedela ekhishini lapho afike aphelela khona.”

Uthe indodakazi yakhe yayinamanxeba okugwazwa emqaleni, esiphongweni, ebusweni kanye nasemhlane.

Lesigameko kuthiwa senzeke phambi kwendodakazi kamufi eneminyaka emithathu eyayilele naye embhedeni.

“Eseqedile ukumgwaza wathumela yona ingane ukuthi iyongqongqozela umalume wayo naye owafike washaqeka ebona udadewabo eselimele. Kuthiwa umsolwa wayesemgonile umntanami esethule,” kuchaza uNkk Madondo ehlengezela izinyembezi.

Uthe indodakazi yakhe nomsolwa bebengabantu abebehlala ngokuhilizisana.

“Ngiyakhumbula ngelinye ilanga umntanami wake wangena nezicabha ethi ubaba wengane uyamjaha umphathele ummese. Yena lomfana ubewumuntu othandayo ukusebenzisa isikhali uma kodwa ubengakaze amlimaze.”

Echaza indodakazi yakhe uthe ibiwusizo kakhulu ekhaya.

“Ngifile nje ngomntanami, ngathi ngingathi vuleka mhlaba ngingene. Ubengisiza kakhulu, engondla futhi ondla nezingane zakhe. Besingaswele lutho. Ngikhuluma nje ubesanda kungithengela osofa. Ubengihlonipha kakhulu eyingane ehlale ihleka engelona ngisho uvanzi. Angazi ukuthi njengoba engasekho ngizothathani ngihlanganise nani.”

Uthe akakholwa ukuthi indodakazi yakhe ibulewe ngephutha.

“Akukwazi ukuthi kunomuntu wesilisa ongaba nesihluku esingaka, akazange akwazi ngisho ukucabangela izingane zakhe ngesikhathi ebulala unina wazo.

“Okubi ukuthi sisekude ukusuka isithombe kulengane yakhe ezibonele uyise ebhokoda unina ngommese phambi kwayo.

“Ngisho kungathiwa ubedakiwe kade enza lokhu kushuthi yinto ayihlela kade ungaphuzile.”

UNkk Madondo uthe ufisa umthetho udlale indawo yawo.

“Ngifisa ukuthi umthetho udlale indawo yawo lomfana ajeze ngalesenzo sakhe esibi kangaka. Ife kabuhlungu indodakazi yami, igugu lami.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/World
 

For the love of Corgis!

WATCH: 35 Corgi's to make your day! If they’re good enough for the Queen of England they’re good enough for us.

 
 

Paws

Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Buying a puppy? Don’t get scammed!
WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.