Unikelelwe ngendlu ugogo oneminyaka engu 84

2016-06-22 06:00
PHOTO:Nokuthula khanyile Kungesikhathi ugogo uThembani Mkhize (84) enikwa ngokusemthethweni okhiye bendlu yakhe entsha.

PHOTO:Nokuthula khanyile Kungesikhathi ugogo uThembani Mkhize (84) enikwa ngokusemthethweni okhiye bendlu yakhe entsha.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OSOMABHIZINISI baseMgungundlovu ngokuhlanganyela bakhele ugogo oneminyaka engu 84 ubudala indlu endaweni yase-Thembalihle.

Lendlu evulwe ngokusemthethweni ngoLwesihlanu inamagumbi amabili okulala, ikhishi kanye nethoyilethi lasendlini.

Lomcimbi wokunikezela ngokhiye kugogo uThembani Mkhize, ubuhanjelwe nawuSotshwebu we-ANC ePhalamende uMnuz Jackson Mthembu njengoba kungamavolontiya e-ANC anxenxe labosomabhizinisi ukuba kwakhelwe ugogo indlu.

Ugogo uMkhize obehlala endlini yodaka ewayo kusukela ngonyaka owedlule ebinengxenye evulekile ingena imvula uma kunetha manje usenendawo ethi yena.

Umzukulu wakhe uBonginkosi Mkhize uthe impilo isizoba ngcono kakhulu njengoba sekunomuzi omusha ikakhulukazi ngoba akekho osebenzayo endlini bonke babamba amatoho.

“Kulendlu endala ukudla bekonakala kungena namagundane futhi uma kunetha kungene amanzi. Sijabule kakhulu nengcindezi isizothi ukwehla, sesizokwazi ukuthi sithole namasenti sithenge nezinye izinto zasendlini ezishodayo.”

Ugogo uMkhize ezibongela uthe ujabule kakhulu ngendlu yakhe entsha, “Angive ngijabule, kulendlu endala bekugcwele izintuthwane namagundane, lapho bengilala khona ingxenye yodonga ibiqaqekile ifuna ukuwa. Ngiyambonga umdali ngokungipha uphahla.”

Usomabhizinisi onikele ngempahla yasendlini uMnuz Themba Njilo we-Nduduzo Funeral Home unxuse abanye osomabhizinisi ukuthi nabo benze umahluko emiphakathini abasebenzela ngaphansi kwayo.

“Ukube njengosomabhizinisi siyahlangana ngabe mukhulu umehluko esiwenza emiphakathini yethu, kufanele sazi ukuthi ngokubambisana singanqoba.”

UMnuz Mehmood Oumar ongumnikazi we-Parklane Linen onikele ngezinto zokwakha uthe wathinteka kakhulu ngesikhathi efika okokuqala ebona indlu ugogo abehlala kuyo.

“Ngathinteka kakhulu ngesikhathi ngifika emzini wakhe wodaka ngibona nendlela aphila ngayo yena nabazukulu bakhe. Ngabona ukuthi nakanjani kufanele kube khona engikwenzayo ukuguqula isimo sempilo yakhe.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.