Unqabe ibheyili osolwa ngokubulala udadewabo

2016-09-07 06:00
Amalunga omphakathi abebhikisha ngaphandle kwenkantolo.PHOTO:NOKUTHULA KHANYILE

Amalunga omphakathi abebhikisha ngaphandle kwenkantolo.PHOTO:NOKUTHULA KHANYILE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABHIKISHE ngaphandle kwenkantolo ngoLwesine olwedlule amalunga omphakathi wakwaMpumuza ngesikhathi kuvele enkantolo osolwa ngokukubulala udadewabo.

Lamalunga omphakathi abephethe izinqwembe ezithi umsolwa kufanele anganikwa ibheyili ngoba awasamdingi emphakathini.Evela kafushane phambi kwenkantolo uMlungisi Mpanza (38) utshele imantshi ukuthi akafuni imnike ibheyili ngoba usabela ukuphepha kwakhe.

Obekhulumela umphakathi noyingxenye yesigungu esilwisana nobugebengu kwaMpumuza uMduduzi Ndlovu uthe umphakathi wakwaMpumuza awusamdingi umsolwa. “Okubi kakhulu ukuthi ubulale umuntu wesifazane ngenyanga yeMbokodo lapho kugqugquzelwa khona ukuthi bahlonishwe futhi bavikelwe.”

UNdlovu uthe bajabule kakhulu njengoba umsolwa ezinqabele yena ibheyili. “Ikona ebesikufisa ukuthi anganikwa ibheyili, asifuni ukuhlala nomuntu obulale udadewabo waze wamgqiba. Sifisa ukuthi inkantolo ingamdedeli aphinde aphile emphakathini.”

UMlungisi ubhekene necala lokubulala udadewabo uNokuthula Mpanza (36) isidumbu sakhe esatholwa sigqitshwe ngamatshe osebeni lomfula.Kubikwa ukuthi laba bobabili babengazwani njengoba baze bafakelana nezincwadi zasenkantolo.

Okhulumela umndeni obesenkantolo uthe basashaqekile ngalesigameko. “Namanje uMlungisi akakaphumeli obala mayelana nento eyaholela ukuthi agcine ebulele uNokthula kodwa sisola indaba yokungazwani kwabo.”

Umsolwa kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo mhlaka 29 kuSepthemba kanti uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.