Unzima umqhudelwano we-Nedbank Cup

2017-04-12 06:00

IMIDLALO yomqhudelwano wodumo ye-Nedbank Cup izoqhubeka kulempelasonto.

Lenkomishi noma lomqhudelwano usuthanda ngokuduma ngendlela ethusayo ngoba ofishi abancane bagcine bedle abakhulu.

Lokhu kusanda kufakazeke ngesikhathi iqembu elingadumile nelingaziwa kangako ebholeni laseMzansi i-KwaDukuza United lapho ikhiphe ithimu lePSL i-Ajax Cape Town ngo 3-2 emasontweni ambalwa adlule.

Umqeqeshi wabafana bakwaDukuza uThami Ngubane uthe noma ukunqoba kwabo kwi-Urban Warriors kwakuyinto enkulu kodwa uthi kuchaza kakhulu ngalomqhudelwano, futhi uyatshengisa ukuthi ufanele uhlonishwe. “Imiqhudelwano efana nalena iyahlonishwa futhi akufanele uyithathe kancane,”kusho uNgubane.

Okwababuhlungu ngeKwaZulu- Natal ukuthi amaqembu amabili nokuyiwona kuphela akuPSL iMaritzburg United neGolden Arrows aqathwa ndawonye kusekuseni nokwenza nokuthi elinye ligobe uphondo.

Sekuwumlando-ke noma sekungathi sekukhulunywa ngabasaphola ngaphansi komhlaba ngoba phela iTeam of Choice yagcina idliwe ngo 3-1.

Lokhu-ke kuchaza ukuthi Abafana Bes’thende sekuyibona kuphela abaphethe amathemba aseKwaZulu- Natal kwiPSL.

Umqeqeshi waBafana baseLaxie (Golden Arrows) uClinton Larsen uthi wawulukhuni nokunqoba kwabaqinisa.

ULarsen uthi akafuni ukuthi kuzwakale sengathi iqembu lakhe lizoziwinela kalula emzukiswaneni olandelayo.

“Awukaze ube khona umdlalo noma iqembu elilula emidlalweni yezinkomishi.

Yikho-ke nje uke ubone amathimu amancane noma angaziwa egcine edle amakhulu. Nathi kuzofanela siqaphele silwele nokushaya amagoli kusakhanya,”kusho uLarsen.

Phela iArrows izobe izalelwe yinja endlini, uThabsy namazenze akhe impela ngoba phela bazobe bebhekene neMamelodi Sundowns yoqobo.

Phela kulonyaka AmaSandawane athathwa njengezinqwele noma izikhokho zeAfrica yonkana emva kokuvala ngehlahla kuyoyonke imiqhudelwano yeCaf. Umqeqeshi weArrows uyavuma ukuthi kuzobe kusinda kwehlela kodwa phela nabo bayiqembu.

“Yebo ngiyavuma ukuthi umdlalo wethu neSundowns uzoba nzima ngoba bayiqembu elikhulu futhi badlala kahle. Kodwa nathi sizobe sidlalela ukuwina.”

Umdlalo weArrows neSundowns uzoba ngoMqgibelo eLucas Moripe Stadium ngo 3pm.

Isiyonke imidlalo yeNedbank Cup isiyonke imi kanje.

Saturday, 8 April

Chippa United vs Polokwane City, Nelson Mandela Bay Stadium, (3pm) Mamelodi Sundowns vs L.Golden Arrows, Lucas Moripe Stadium (3pm) Free State Stars vs Orlando Pirates, James Motlatsi Stadium (3pm) Sunday, 09 April Acornbush United vs Kaizer Chiefs, Kabokweni Stadium) 3pm Bloemfontein Celtic vs Mbombela United, Dr Molemela Stadium (3pm)

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/News
 

Weird things dogs do

Caught your dog doing something... well a little bit odd? Don’t worry, there’s a simple explanation for his behaviour.

 
 

Paws

Makeover saves dog’s life
For the love of Corgis!
Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.